Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 33:22 - IsiZulu 2020

22 “NgoDani wathi: ‘UDani uyibhongo lengonyama, elitshakadulayo, liphuma eBhashani.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

22 NgoDani wathi: “UDani uyibhongo lengonyama, elixhumayo, liphuma eBashani.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

22 NgoDani wathi: “UDani uyibhongo lengonyama; uyakuvela eBashani.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 33:22
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

KwabakwaDani, ababekulungele ukuya empini, babeyizi-28 600.


“Ngenxa yalokho inhliziyo yami iyathuthumela, isuke endaweni yayo.


“ ‘Unyoko wayeyingonyamakazi enjani phakathi kwezingonyama na? Wayebuthisa phakathi kwamabhongo, ondle amawundlu akhe.


Wakhulisa elinye lamawundlu akhe, laba yibhongo, lafunda ukudwengula inyamazane, ladla nabantu.


Kwathi ukuba abozalo lukaDani balahlekelwe ngumngcele wabo, bakhuphuka balwa neLeshemu, balidla, balibhubhisa ngenkemba, balithatha, bakha kulo, base belibiza iLeshemu ngokuthi yiDani, beliqamba ngegama likaDani uyise.


Kwakukhona indoda ethile eZora, yomndeni wakwaDani, igama layo kunguManowa. Umkayo wayeyinyumba, engenabantwana.


UMoya kaSimakade wehlela phezu kwakhe ngamandla, uSamsoni wayesehlela e-Ashikeloni. Wabulala amadoda angama-30, wawaphanga. Labo ababechaze imfumbe wabanika izingubo zokuphendulela. Wabuyela endlini kayise ethukuthele kakhulu.


UMoya kaSimakade wehlela kuye ngamandla, walidwengula ngezandla zakhe kwangathi udwengula izinyane lembuzi. Wayengaphethe lutho esandleni sakhe, kodwa akabatshelanga oyise nonina lokho ayekwenzile.


Wathola umhlathi osemusha wembongolo, wawuthatha, wabulala ngawo amadoda ayinkulungwane.


Wawahlasela ngonya olwesabekayo, wabulala amaningi; wayesehamba wayohlala emfantwini wedwala e-Ethamu.


USamsoni wathi: “Mangife namaFilisti.” Wazidudula ngamandla akhe wonke; indlu yawela phezu kwamakhosi, nabo bonke abantu ababekuyo. Ngakho-ke labo ababulala ngesikhathi sokufa kwakhe babebaningi kunalabo ababulala esaphila.


Bathatha okwakwenziwe nguMikha nomphristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula, belondekile, bababulala ngenkemba, bashisa nomuzi ngomlilo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka