Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 33:19 - IsiZulu 2020

19 Bayobizela izizwe entabeni, lapho bayonikela imihlatshelo yokulunga, ngokuba bayoncela inala yezilwandle, nengcebo yesihlabathi efihliweyo.’

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 Bayakubizela izizwe entabeni, bahlabele khona imihlatshelo yokulunga; ngokuba bayakumunca inala yezilwandle, nengcebo ethukusiweyo yesihlabathi.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Bayobizela abantu entabeni; lapho bayakunikela ngemihlatshelo yokulunga, ngokuba bayoncela inala yolwandle nengcebo efihlwe esihlabathini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 33:19
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“UZabuloni uyokwakha ngasogwini lolwandle, abe ngasechwebeni lemikhumbi, imingcele yakhe iyoze ishaye eSidoni.


Mabanikele iminikelo yokubonga, balande imisebenzi yakhe ngokwethaba.


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Nikelani ngeminikelo yokulunga, nethembele kuSimakade.


Baningi abathi: “Ngubani oyakusenzela okuhle na?” Simakade, phakamisela ukukhanya kobuso bakho phezu kwethu.


Khona uzojabulela iminikelo yokulunga engeyokushiswa naleyo eshiswa yonke, banikele nangezinkunzi phezu kwe-althare lakho.


Uyakubabuyisa ubatshale entabeni eyifa lakho, indawo Wena Simakade ozenzele yona ukuba uhlale kuyo, indawo engcwele Simakade, emiswe yizandla zakho.


Abantu abaningi bayofika, bathi: “Wozani senyukele entabeni kaSimakade, endlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise izindlela zakhe, sihambe emikhondweni yakhe,” ngokuba umthetho uyakuphuma eZiyoni, nezwi likaSimakade, eJerusalema.


Uyakuncela ubisi lwezizwe, uncele emabeleni amakhosi; uyokwazi ukuthi Mina Simakade nginguMsindisi wakho, noMhlengi wakho, uMninimandla kaJakobe.


Khona uyakukubona lokho, uchachambe yinjabulo; inhliziyo yakho igide, ithokoze, ngokuba ingcebo yasolwandle iyakulethwa kuwe, ingcebo yezizwe ize kuwe.


Izizwe eziningi ziyakufika zithi: “Wozani, masikhuphukele entabeni kaSimakade, nasendlini kaNkulunkulu kaJakobe, ukuze asifundise ezindleleni zakhe, size sikwazi ukuhamba emikhondweni yakhe, ngokuba eZiyoni kuyakuvela umthetho, nezwi likaSimakade eJerusalema.


“Wamkhweza ezindaweni eziphakemeyo zomhlaba, wadla izithelo zamasimu, wammuncisa uju edwaleni, namafutha eweni lensengetsha.


Nani njengamatshe aphilileyo, nakhiwe nibe yindlu yokomoya, ubuphristi obungcwele, ukuze ninikele ngemihlatshelo yokomoya eyamukelekayo kuNkulunkulu, ngaye uJesu Khristu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka