Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 33:1 - IsiZulu 2020

1 Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantu bakwa-Israyeli, engakafi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 Nasi isibusiso uMose, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakwa-Israyeli, engakafi; wathi:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Lesi yisibusiso uMozisi, umuntu kaNkulunkulu, abusisa ngaso abantwana bakoIsrayeli engakafi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 33:1
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ubuye ungiphekele isilovela esehla esiphundu, usilethe kimi, ngidle, bese ngikubusisa ngingakafi.”


UJakobe wabiza amadodana akhe wathi: “Buthanani ukuze nginitshele okuzonehlela ezinsukwini ezizayo.


Bonke laba yizizwana ezili-12 zakwa-Israyeli. Yilokho uyise akukhuluma ngesikhathi ebabusisa, ebusisa yilowo nalowo ngesibusiso esimfaneleyo.


Kwavela ngaleso sikhathi kwaJuda umuntu kaNkulunkulu, ethunywe nguSimakade, waya eBhethele. UJerobhowamu wayemi e-althare ukuba ashise impepho.


Inkosi yayisithi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Ake unginxusele kuSimakade uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphile.” Umuntu kaNkulunkulu wayinxusela inkosi kuSimakade, saphila isandla sayo, saba njengakuqala.


UMose, umuntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa ngesizwana sakwaLevi.


Njengokomthetho kayise uDavide, abaphristi wabamisa ngokwezigaba zabo enkonzweni, nabaLevi ezikhundleni zabo, ukuba badumise, bakhonze phambi kwabaphristi njengemfanelo imihla ngemihla. Abalindimasango nabo wabamisa ngezigaba zabo emasangweni; kulelo nakulelo sango, ngokuba uDavide, umuntu kaNkulunkulu, wayeyale ukuba kube kanjalo.


Nkosi, Wena uyisiphephelo sethu izizukulwane ngezizukulwane.


ngabangenisa endlini kaSimakade, ekamelweni lamadodana kaHanani, indodana ka-Igidaliya, umuntu kaNkulunkulu elaliseceleni kwekamelo lezikhulu, elaliphezu kwekamelo likaMahaseya, indodana kaShalumi, umlindisango.


“Ukuthula ngikushiya kini, ukuthula kwami nginipha khona. Ukunipha kwami akufani nokupha kwezwe. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, futhi ingesabi.


“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula ngami. Emhlabeni niyakuba lusizi, kodwa yimani isibindi, Mina ngiwunqobile umhlaba.”


Wena muntu kaNkulunkulu, baleka kulezo zinto, kodwa phokophelela ukulunga, ukwesaba uNkulunkulu, ukukholwa, uthando, ukubekezela nobumnene.


ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, ahlonyiselwe yonke imisebenzi emihle.


AbakwaJuda beza kuJoshuwa eGiligali; uKhalebhu, indodana kaJefune umKhenizi, wathi kuye: “Uyakwazi uSimakade akusho ngami nawe kuMose, umuntu kaNkulunkulu, eKadeshi Bharineya.


Ngokuba akukho siphrofetho noma nini esake seza ngentando yomuntu, kodwa abantu beqhutshwa nguMoya oNgcwele bakhuluma okukaNkulunkulu.


Owesifazane wahamba wabikela umyeni wakhe, wathi: “Kufike kimi umuntu kaNkulunkulu, isimo sakhe sifana nesengelosi kaNkulunkulu, esabeka kakhulu. Angimbuzanga ukuthi uvelaphi, futhi akangitshelanga igama lakhe,


Kwafika umuntu kaNkulunkulu ku-Eli, wathi kuye: “Usho kanje uSimakade, uthi: ‘Angithi ngazibonakalisa kuyo indlu kayihlo, beseseGibhithe endlini kaFaro.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka