Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 32:40 - IsiZulu 2020

40 Ngiphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyakuphila kuze kube phakade.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

40 Ngokuba ngiyaphakamisela isandla sami ezulwini, ngithi: Mina ngiyaphila kuze kube phakade:

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

40 Ngoba ngiphakamisela isandla sami ezulwini ngithi: Ngiphila kuze kube nininini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 32:40
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha u-Abhrama waphendula wathi: “Ngifungile kuSimakade uNkulunkulu oPhezukonke, uMdali wezulu nomhlaba,


U-Abhrahama watshala umthamariske eBheri Sheba, wayesekhuleka egameni likaSimakade uNkulunkulu Ophakade.


“USimakade uyaphila malidunyiswe idwala lami. Makaphakanyiswe uNkulunkulu, idwala lensindiso yami.


Ngikhulule, ungihlenge esandleni sabafokazi abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.


abamlomo wabo ukhuluma inkohliso, nesandla sabo sokunene singesokunene samanga.


Ngiyakuniyisa ezweni engafunga ukulinika u-Abhrahama, u-Isaka, noJakobe; ngiyakuninika lona libe yifa lenu. NginguSimakade.’ ”


Uyakufunga ngeqiniso, ngobulungiswa, nangokulunga, uthi: ‘Ngifunga phambi kukaSimakade,’ izizwe ziyakuzibusisa ngaye, zizishaye isifuba ngaye.”


Ngakho-ke yizwani izwi likaSimakade nina nonke baJuda enihlala eGibhithe: ‘Bheka, ngifunga igama lami elikhulu,’ kusho uSimakade, ‘ukuthi igama lami alisayukubizwa muntu wakwaJuda ezweni lonke eGibhithe, athi: “Ngifunga ngiyagomela phambi kukaSimakade.”


uthi kubo: ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Ngosuku engamkhetha ngalo u-Israyeli ngafunga ozalweni lwendlu kaJakobe, ngazambula kubo eGibhithe, ngafunga ngathi: NginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“ ‘ “Ngalolo lusuku ngafunga kubo ukuba ngibakhiphe eGibhithe, ngibayise ezweni engangibakhethele lona, izwe elichichima ubisi noju, futhi elihle kunawo wonke amazwe.


Ngakho-ke inkemba yami iyakuphuma emgodleni wayo, iphumele abantu bonke kusukela eningizimu kuya enyakatho.


Bonke abantu bayokwazi ukuthi Mina Simakade, ngiyihoshile inkemba emgodleni wayo, ayisayukubuyela emuva.” ’ ”


Ngezwa umuntu owayembethe ilineni, ephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nengxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.


Nokho ngifunga ngiyagomela, uma nje inkazimulo kaSimakade isawugcwalisa umhlaba wonke,


amalunga angama-24 awe phansi, athi mbo ngobuso phansi, phambi kwakhe ohleli esihlalweni sobukhosi, akhuleka kuye ophilayo kuze kube phakade, aphonse imiqhele yawo phambi kwesihlalo sobukhosi, ethi:


Kwakuthi lapho izidalwa zimdumisa zimbonga ohleli esihlalweni sobukhosi, Yena ophilayo kuze kube phakade naphakade,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka