Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 32:31 - IsiZulu 2020

31 Impela idwala labo alifani neDwala lethu; nezitha zethu ziyakuvuma lokho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu; nezitha zethu ziyakubona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Ngokuba idwala labo alinjengeDwala lethu, nezitha zethu zingabahluleli.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 32:31
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Noma ngubani phakathi kwabo bonke abangabantu bakhe, sengathi uNkulunkulu wakhe angaba naye, makakhuphukele eJerusalema, kwaJuda, ayokwakha kabusha indlu kaSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, unguNkulunkulu oseJerusulema.


Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaSimakade na? Ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?


Izinqola zabo zempi zabhajwa, amasondo ahamba kanzima, ngakho-ke abaseGibhithe bathi: “Masibalekeni phambi kwabakwa-Israyeli, ngokuba uSimakade uyabalwela, umelene nabaseGibhithe.”


U-Aroni welulela isandla sakhe phezu kwamanzi eGibhithe, kwaphuma amasele agcwala kulo lonke iGibhithe.


Idwala lalo liyoshabalala ngenxa yovalo, izikhulu zakhona ziyoshiya ibhanela, ngenxa yokudangala,” kusho uSimakade omlilo wakhe useZiyoni, nosithando sakhe siseJerusalema.


uSimakade usekulethile, wakwenza njengokusho kwakhe, ngokuba nonile kuSimakade, kanililalelanga izwi lakhe, yingakho nehlelwe yilokhu.


Inkosi yamphendula uDaniyeli, yathi: “Ngempela uNkulunkulu wakho unguNkulunkulu wawonkulunkulu, neNkosi yamakhosi, umambuli wezimfihlakalo, njengalokhu ukwazile ukwambula le mfihlakalo.”


Ngalokho ngikhipha isimemezelo sokuba bonke abantu, izizwe, izilimi ezikhuluma okungafanele ngoNkulunkulu woShadirakhi, uMeshakhi, no-Abhedi Nego ziyakuhlahlelwa, izindlu zazo zenziwe incithakalo, ngokuba akekho omunye unkulunkulu ongasindisa ngale ndlela.”


Akukho mlingo ongamelana noJakobe, nakubhula okungamelana no-Israyeli. Manje sekuzothiwa ngoJakobe nango-Israyeli: ‘Bukani okwenziwe nguNkulunkulu!’


Ngingamqalekisa kanjani lowo uNkulunkulu angamqalekisanga na? Ngingamjivaza kanjani lowo uSimakade angamjivazanga na?


“Akekho ongcwele njengoSimakade, akekho noyedwa ngaphandle kwakho; alikho idwala elinjengoNkulunkulu wethu.


Maye kithi! Ngubani oyosihlenga esandleni salaba onkulunkulu abanamandla na? Yibo labo nkulunkulu abashaya abaseGibhithe ngalo lonke ubhubhane ehlane.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka