Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 32:3 - IsiZulu 2020

3 ngokuba ngiyomemezela igama likaSimakade: ngimnike udumo uNkulunkulu wethu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

3 ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova: mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

3 Ngokuba ngiyakumemezela igama likaJehova; mnikeni uNkulunkulu wethu ubukhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 32:3
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Simakade, ngenxa yenceku yakho nanjengokwenhliziyo yakho, wenzile konke lokhu okukhulu ukuba kwaziswe bonke lobu bukhulu.


UDavide wayesemdumisa uSimakade phambi kwebandla lonke, wathi: “Mawubongwe Simakade Nkulunkulu ka-Israyeli, ubaba, kuze kube phakade.


Simakade, bungobakho ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nokusemhlabeni kungokwakho. Ungowakho umbuso, Simakade. Wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke.


Ngalokho-ke, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyalidumisa igama lakho elitusekayo.


Mdumiseni ngenxa yezenzo zakhe zamandla, nimdumise ngenxa yobukhosi bakhe obukhulu.


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


USimakade wathi: “Ngiyakudlulisa phambi kwakho bonke ubuhle bami, ngimemeze phambi kwakho igama likaSimakade, ngibe nomusa kulowo engithanda ukuba nomusa kuye, nesihe kulowo engithanda ukuba nesihe kuye.”


Ngabonakala ku-Abhrahama, ku-Isaka, nakuJakobe njengoNkulunkulu uSomandla, kodwa igama lami, ‘uSimakade’ angibazisanga lona.


Akekho onjengawe Simakade; umkhulu, igama lakho likhulu emandleni.


Ezinsukwini zalo, uJuda uyakusindiswa, u-Israyeli ahlale elondekile; nanti igama eliyakubizwa ngalo, lokuthi: USIMAKADE UNGUKULUNGA KWETHU.


“Intombi iyakukhulelwa, izale indodana; bayakuyiqamba igama bathi ngu-Immanuweli,” okusho ukuthi: “UNkulunkulu unathi.”


Ngibazisile igama lakho, ngizakubazisa lona ukuba uthando ongithande ngalo lube kubo, nami ngibe kubo.”


“Ngilibonakalisile igama lakho kubantu ongiphe bona kwabasemhlabeni. Babengabakho, wangipha bona; baligcinile izwi lakho.


nokuthi makhulu kangakanani amandla akhe kithina esikholwayo, njengokusebenza kwamandla akhe amakhulu,


‘Nkosi Simakade, uqalile ukubonisa inceku yakho ubukhulu bakho nesandla sakho esinamandla, ngokuba ngumuphi unkulunkulu ezulwini nasemhlabeni ongenza imisebenzi enjengeyakho nongenza imisebenzi emikhulu njengeyakho na?


nathi: ‘Bheka, uSimakade uNkulunkulu wethu usibonisile inkazimulo yakhe nobukhulu bakhe, salizwa izwi lakhe livela phakathi komlilo. Namuhla sibonile ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma nomuntu, adlule aphile.


Bahlabelela igama likaMose, inceku kaNkulunkulu negama leWundlu, bathi: “Mikhulu, iyamangalisa imisebenzi yakho, Nkosi Nkulunkulu, Somandla; zilungile, ziqinisile izindlela zakho, wena Nkosi yezizwe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka