Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 30:1 - IsiZulu 2020

1 “Kuyothi lapho zonke lezi zinto, izibusiso neziqalekiso engizibeke phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uSimakade uNkulunkulu wakho ayokudingisela khona,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

1 “Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele, isibusiso nesiqalekiso, engizibekile phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

1 Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlela phezu kwenu, isibusiso nesiqalekiso engikubeke phambi kwenu, nizikhumbule phakathi kwezizwe zonke uJehova uNkulunkulu wenu enixoshele kuzo,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 30:1
25 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, namuhla usungixoshile emhlabeni, sengingumhambuma nozulane ezweni, ngethuswa wubala, noma ngubani ohlangana nami uzofuna ukungibulala.”


mawuzwe Wena usezulwini, uthethelele isono sabantu bakho u-Israyeli, ubabuyisele ezweni owalinika okhokho babo.


Uma nibuyela kuSimakade, abafowenu nabantwana benu bayofumana umusa kwababathumbayo babuyele kuleli lizwe, ngoba uSimakade uNkulunkulu wenu ulungile, unomusa; akayukunifulathela, uma nibuyela kuye.”


kodwa uma nibuyela kimi, nibuye nigcine imithetho yami, nenze enganiyala ngakho, ngiyoniqoqa lapho nikhona, nginibuyisele endaweni engayiqokela ukuba iGama lami lihlale kuyo, ngisho noma ngabe nisemikhawulweni yomhlaba.’


“Khumbulani lokhu, nime isibindi, cabangani futhi ezinhliziyweni zenu, nina benzi bokubi.


Ngiyakufunyanwa yinina,” kusho uSimakade, “ngiyakukuqeda ukuthunjwa kwenu, nginiqoqe kuzo zonke izizwe nasezindaweni zonke lapho nginixoshele khona, nginibuyisele endaweni enganisusa kuyo nganiyisa ekuthunjweni,” kusho uSimakade.


Kuphela, yazi ububi bakho ukuthi uhlubukile kuSimakade uNkulunkulu wakho, izindlela zakho wazihlakazela kwabezizwe, phansi kwazo zonke izihlahla eziluhlaza; anililalelanga izwi lami,’ ” kusho uSimakade.


Insali yonke eseleyo kulowo nalowo mndeni omubi, iyoqoma ukufa kunokuphila, leyo eyosala ezindaweni zonke, lapho ngiyidingisele khona,’ ” kusho uSimakade Wamabandla.


Ngokuba ubonile, waphenduka eziphambekweni zakhe zonke azenzileyo, impela uyakuphila akayukufa.


Abasindileyo benu bayakungikhumbula besezizweni abathunjelwe kuzo, lapho ngifihliza izinhliziyo zabo eziphingayo, ezichezukile kimi, namehlo abo akhanukela izithombe zabo ukuze baphinge nazo, bayakuzenyanya bona uqobo ngenxa yezinto ezimbi abazenzileyo, nangazo zonke izinengiso zabo.


Ngiyakubahlwanyela phakathi kwezizwe, kodwa bayakungikhumbula besemajukujukwini, bona nezingane zabo bayakusinda, bese bebuya.


“Kuthe sekubuye umqondo, yathi: ‘Kambe bangaki abaqashwe ngubaba abadla baze bakubuke, mina ngibe ngibulawa yindlala lapha na?


USimakade uyokushaya ngokuhlanya, ngobumpumputhe, nangokudideka komqondo.


“USimakade uyakukuhlakazela ezizweni zonke, kusukela kolunye uhlangothi lomhlaba kuze kufike kolunye, uyokhonza lapho abanye onkulunkulu bemithi namatshe ongabaziyo, wena nokhokho bakho.


ngalokho intukuthelo kaSimakade yalivuthela lelo lizwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi.


USimakade wabadwengula ezweni lakubo ngolaka, ngokufutheka, nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa ngaphandle kwelinye izwe, njenganamuhla.’


“Bheka, ngibeka namuhla phambi kwakho, ukuphila nenqubekela phambili, ukufa nokubi,


“Ngibiza izulu nomhlaba ukuba kube ngofakazi ngani namuhla ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuze niphile, wena nenzalo yakho,


“USimakade uyobehlulela abantu bakhe, abe nesihawu ezincekwini zakhe, lapho ebona ukuthi amandla abo aphelile, akusekho oboshiweyo nokhululekileyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka