Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:7 - IsiZulu 2020

7 “USimakade uyozenza izitha ezikuvukelayo ukuba zehlulwe phambi kwakho, ziyakuza kuwe zivela ngasendaweni eyodwa, kodwa ziyakubaleka ngezindlela eziyisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 “UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; ziyakukuhlasela ngandlelanye, zikubalekele ngezindlela eziyisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 UJehova uyakwenza ukuba izitha zakho ezikuvukelayo zibulawe phambi kwakho; bayakuphumela kuwe ngandlelanye, bakubaleke ngezindlela eziyisikhombisa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:7
21 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Basuka kuhwalala, baya enkanjini yabase-Aramu; sebefike emaphethelweni enkambu yabase-Aramu, bafica kungekho muntu lapho.


UJehoshafathi wahlala eJerusalema, kodwa kamuva wabuye waphuma wahamba phakathi kwabantu, kusukela eBheri Sheba kuya kwelezintaba kwa-Efrayimi; wababuyisela abantu kuSimakade uNkulunkulu wokhokho babo.


Ngazilimaza, azakwazi ukuvuka, zawa phansi kwezinyawo zami.


Izitha zakhe ngiyozichoboza ebuka, ngibhubhise abamzondayo.


“USimakade uyokwenza izitha zakho zikunqobe, uyakuzihlasela ngandlelanye; ubaleke ngezindlela eziyisikhombisa. Uyoba yinto eyesabisayo, kuyo yonke imibuso yomhlaba.


“Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.


“USimakade uyakuyala isibusiso sibe phezu kwakho, ezinqolobaneni zakho nakukho konke okwenzayo, uyakukubusisa ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


Oyedwa angayixosha kanjani inkulungwane, ababili bahubhe izinkulungwane ezilishumi, uma idwala labo belingathengisanga ngabo, uSimakade ebengabanikelanga, na?


UJoshuwa wawanqoba wonke lawo makhosi namazwe awo ngasikhathi sinye, ngokuba uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli wamlwela u-Israyeli.


Oyedwa kini uxoshe inkulungwane, ngokuba nguSimakade uNkulunkulu wenu onilwelayo njengalokhu ayekhulume kini.


Abanye baphuma emzini babhekana nabo. Ngaleyo ndlela abakwa-Israyeli babavimbezela nxazonke bababulala, akwaze kwasinda muntu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka