Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:60 - IsiZulu 2020

60 Uyobuyisela kuwe zonke izifo zaseGibhithe owawuzesaba, zinamathele kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

60 Uyakubuyisela phezu kwakho zonke izifo zaseGibithe owazesabayo, zinamathele kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

60 Uyakwehlisela phezu kwakho zonke izifo zaseGibithe owawuzesaba; futhi bayonamathela kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:60
6 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Ngokuba kulesi sikhathi ngizothumela zonke izinhlupheko zami enhliziyweni yakho, kweyezinceku zakho, nakweyabantu bakho, ukuze nazi ukuthi akekho onjengami emhlabeni wonke.


“Nganithumelela ubhubhane ngendlela efanayo neyaseGibhithe, ngazibulala ngenkemba izinsizwa zenu, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba iphunga lokunuka kwenkambu yenu likhuphukele emakhaleni enu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


USimakade uyokushaya ngamathumba aseGibhithe, ngamaqhubu, ngomuna, nangotwayi, okungelapheki.


uSimakade uyakwenza ubhubhane lwakho ukuba lumangalise, nobhubhane lozalo lwakho, ubhubhane olukhulu oluhlala isikhathi eside nesifo esinzima esihlala isikhathi eside.


USimakade uyakususa kuwe zonke izifo, akayukubeka kuwe izifo zaseGibhithe ezimbi ozaziyo, kodwa uyozehlisela phezu kwabo bonke abakuzondayo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka