Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:53 - IsiZulu 2020

53 “Uyakudla isithelo sesibeletho sakho, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho, uSimakade uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuhlaselweni, izitha zakho eziyakukuhlasela ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

53 “Uyakudla inzalo yesakho isisu, inyama yamadodana akho neyamadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona ekuvinjezelweni nasekuxinekeni izitha zakho eziyakukuxina ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

53 Uyakudla isithelo sesisu sakho, inyama yamadodana akho namadodakazi akho uJehova uNkulunkulu wakho akunike wona, ekuvinjezelweni nasekucindezelekeni izitha zakho eziyakukucindezela ngakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:53
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngiyakubenza badle inyama yamadodana neyamadodakazi abo, kube yilowo nalowo adle inyama kamakhelwane wakhe, ngesikhathi bevinjezelwe, bexinwe yizitha zabo nalabo abafuna ukuphila kwabo.’


“Bheka, Simakade, ngubani omunye osuwake wamphatha ngalolu hlobo na? Kuyikho yini ukuba onina badle abantwana babo, izingane zabo abazikhulisayo na? Kuyikho yini ukuba abaphristi nabaphrofethi babulawelwe e-althare leNkosi na?


Ngesikhathi sokuvinjezelwa nokuchithwa kwabantu bami, izandla zabesifazane ababekade benozwelo, zapheka izingane zabo, zaba ngukudla.


Ngakho-ke abazali bayakudla abantwana babo phakathi kwakho, nabantwana badle abazali, ngiyakuletha ukwehlulela kuwe, kuthi insali yenu ngiyihlakazele kuyo yonke imimoya.


Niyokudla inyama yamadodana namadodakazi enu.


Maye, kwabakhulelweyo nabancelisayo ngalezo zinsuku!


“Isithelo sesibeletho sakho, isithelo somhlabathi wakho, amankonyane ezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho, kuyakuqalekiswa.


Umuntu onokulunga phakathi kwenu, iso lakhe liyakuba libi kumfowabo, kumkakhe amthandayo, nakuyo insali yabantwana bakhe.


Akayukunika namunye inyama yabantwana bakhe ayobe eyidla, ngokuba kungekho naye okumsalele ekuvinjezelweni nasekuxinekeni eziyakukuxina ngakho izitha zakho kuwo wonke amasango akho.


umzanyana ophuma phakathi kwemilenze yakhe, nabantwana bakhe ayokubazala, ngokuba uyakubadla ngasese ngenxa yokuswela kwakhe lapho evinjezelwe, exinwe yizitha zakhe kuwo wonke amasango akho.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka