Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:43 - IsiZulu 2020

43 “Umfokazi ohlala phakathi kwenu uyodlondlobala kunawe, wena uye ngokuya wehla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

43 “Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama phezu kwakho njalonjalo, wena wehle njalonjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

43 Umfokazi ophakathi kwakho uyakuphakama kakhulu phezu kwakho; futhi uzokwehla kakhulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:43
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wabafulathela bonke abozalo luka-Israyeli, wabahlupha, wabanikela esandleni sabaphangi, waze wabalahla ebusweni bakhe.


USimakade waze wamsusa u-Israyeli ebusweni bakhe, njangalokhu ayeshilo ngomlomo wabaphrofethi bakhe. U-Israyeli waya ekuthunjweni, e-Asiriya, wasuka kwelakubo kuze kube namuhla.


Mawungasibaleli amacala akuqala, umusa wakho mawusheshe usihlangabeze, ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.


Abamelene nalo sebephenduke banjengamakhosi, izitha zalo zinokuthula. USimakade ulihluphile ngenxa yobuningi beziphambeko zalo. Izingane zalo sezihambile, zisekuthunjweni, ebusweni besitha.


USimakade wenze abekusophile, ufeze izwi lakhe ayelishilo kwasemandulo; ubhidlizile ngokungenaluzwelo, isitha wasenza sathokoza phezu kwethu, waphakamisa uphondo lwezitha zethu.


Ngakho-ke uPilatu, wathi kubo: “Mthatheni nina, nimehlulele ngomthetho wakini.” AbaJuda bathi kuye: “Asivunyelwe thina ukubulala umuntu,”


Kepha bamemeza, bathi: “Msuse, msuse, mbethele esiphambanweni!” Wathi kubo uPilatu: “Ngibethele inkosi yenu na?” Abaphristi abakhulu baphendula, bathi: “Asinayo inkosi, kuphela uKhesari.”


USimakade uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; uyoba phezulu kuphela, ungabi phansi, uma ulalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla futhi uyigcine, uyenze.


Uyise nonina babengazi ukuthi lokhu kuvela kuSimakade, ngokuba wayefuna ithuba lokuthi alwe namaFilisti. Ngaleso sikhathi amaFilisti ayebusa phezu kuka-Israyeli.


Ngakho-ke manje ngithi: angizukuzixosha phambi kwenu, kodwa zizomelana nani, onkulunkulu bazo bayoba wugibe kini.”


Ngakho-ke abakwa-Israyeli babengenalutho ngenxa yabakwaMidiyani, base bekhala abantu bakwa-Israyeli kuSimakade, bacela usizo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka