Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:24 - IsiZulu 2020

24 USimakade uyoyenza imvula yezwe lakini ibe ngumsizi nothuli, uthuli oluvela ezulwini, lwehlele phezu kwakho, uze ubhujiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

24 UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe ngumsizi nothuli; kuyakwehla ezulwini, kufike phezu kwakho, uze ubhujiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

24 UJehova uyakwenza imvula yezwe lakho ibe luthuli nothuli; ezulwini kuyakwehlela phezu kwakho uze ubhujiswe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:24
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wehlisela ikloba lomlilo wesibabule njengemvula phezu kweSodoma neGomora, livela ezulwini.


Njengamalangabi ekhotha amabibi, nezikhotha ezomileyo zizika kuwo, impande yabo iyofana nokubola, nembali yabo ibe njengothuli; iyakuthuquka, ngokuba bawulahlile umthetho kaSimakade Wamabandla, baledelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.


“Ngababhubhisa abanye benu njengalokhu uNkulunkulu abhubhisa iSodoma neGomora; nanifana nesikhuni esophulwe emlilweni, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Ngalokho-ke kungenxa yenu isibhakabhaka sigodle amazolo, nomhlabathi ugodle isivuno sawo.


bese intukuthelo kaSimakade inivuthela, avale izulu, ukuze kungabi bikho mvula, izwe lingabe lisathela zithelo, niphele masinyane ezweni elihle uSimakade aninika lona.


“USimakade uyakukuvulela indlu yakhe yengcebo, izulu, anise imvula ezweni lakho ngesikhathi esifaneleyo, abusise wonke umsebenzi wesandla sakho. Uyokwetsheleka izizwe eziningi, kodwa ungatsheleki lutho kuzo.


Izulu lakho phezu kwekhanda lakho liyakuba yithusi, umhlaba ophansi kwakho ube yinsimbi.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka