Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:21 - IsiZulu 2020

21 USimakade uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akubhubhise ezweni ongena kulo ukulidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo, aze akuqede ezweni ongena kulo ukulidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 UJehova uyakunamathelisa kuwe isifo aze akuqede ezweni oya kulo ukulidla.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:21
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade wayesethumela ubhubhane kwa-Israyeli kusukela ekuseni kwaze kwaba yisikhathi esinqunyiweyo. Kwafa abantu abayizi-70 000 kusukela kwaDani kuze kufike eBheri Sheba.


“Uma kukhona indlala ezweni, ubhubhane, ukuhwamuka, isikhutha, isikhonyane, umswenya, noma isitha sabo sibavimbezela ezweni emasangweni abo, noma ngabe iyiphi inhlupheko nobhubhane,


Base bethi: “UNkulunkulu wamaHebheru ubonakele kithi; sidedele sihambe uhambo lwezinsuku ezintathu, siye ehlane, siyokwenzela uSimakade uNkulunkulu wethu umhlatshelo, funa asehlisele ngobhubhane, noma asiqothe ngenkemba.”


Kuyakuthi lapho bethi kuwe: ‘Sizoya kuphi na?’ Uyobatshela uthi: ‘Usho kanje uSimakade, uthi: “ ‘Abanqunyelwe ukufa, bayokufa; abanqunyelwe inkemba, inkemba; nabendlala, indlala; nabokuthunjwa, ukuthunjwa.’


“Bayakubulawa yizifo, bangalilelwa, futhi bangangcwatshwa; bayakufana nendle emhlabathini, baqothulwe ngenkemba, babhujiswe yindlala, izidumbu zabo ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu, nezilwane zomhlaba.”


Ngiyakuthuma kubo inkemba, indlala, nobhubhane, baze baphele nya ezweni engalinika bona nokhokho babo.” ’ ”


Ngiyonehlisela inkemba yempindiselo, engiyakuziphindiselela ngayo ngenxa yesivumelwano sami. Niyobuthana ndawonye emizini yenu, ngithumele ubhubhane phakathi kwenu; ninikelwe esandleni sezitha zenu.


“Nganithumelela ubhubhane ngendlela efanayo neyaseGibhithe, ngazibulala ngenkemba izinsizwa zenu, ngathumba amahhashi enu, ngenza ukuba iphunga lokunuka kwenkambu yenu likhuphukele emakhaleni enu, kodwa anibuyelanga kimi,” kusho uSimakade.


Lokhu kuyakuba ubhubhane uSimakade ayakushaya ngalo izizwe ezaphaka impi zalwa neJerusalema: inyama yabo iyobola bemi ngezinyawo zabo; amehlo abo abole ezikhoxeni zawo, nolimi lwabo lubolele emlonyeni wabo.


Ngiyobashaya ngobhubhane, ngibaphuce ifa, ngikwenze isizwe esikhulu nesinamandla kunabo.”


Kepha lwase lwedlule nabantu abayizi-24 000.


kwafika kuye owesifazane ephethe umfuma esitsheni se-alabhaste, owawungowenani elikhulu; wawuthela ekhanda likaJesu owayehleli esidlweni.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka