Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 28:13 - IsiZulu 2020

13 USimakade uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; uyoba phezulu kuphela, ungabi phansi, uma ulalela imiyalo kaSimakade uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla futhi uyigcine, uyenze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; woba phezulu kuphela, ungabi ngaphansi, uma uyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wakho engikuyala ngayo namuhla ukuba uyigcine, uyenze,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 UJehova uyakukwenza ube yinhloko, ungabi ngumsila; futhi uyoba phezulu kuphela, futhi ngeke ube ngaphansi; uma niyilalela imiyalo kaJehova uNkulunkulu wenu enginiyala ngayo namuhla ukuba niyigcine, niyenze;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 28:13
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wathi: “Uma nililalela ngokucophelela izwi likaSimakade uNkulunkulu wenu, nenze okulungileyo emehlweni akhe, nigcine imiyalo yakhe, nigcine zonke izimiso zakhe, angiyukunehlisela zonke izifo engazehlisela abaseGibhithe, ngokuba nginguSimakade oniphilisayo.”


Ngokuba usho kanje uSimakade, uthi: “Mhlabeleleni ngentokozo uJakobe, nihlokomele inhloko yezizwe, nizwakalise ukudumisa, nithi: ‘Simakade, sindisa abantu bakho insali yakwa-Israyeli.’


USimakade uNkulunkulu wenu uyonibusisa njengokwethembisa kwakhe, niyotsheleka izizwe eziningi, kodwa nina ningatsheleki lutho kuzo. Niyobusa izizwe eziningi, kepha zona aziyukunibusa.


ukuze akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe azenzileyo ngokubongwa, ngegama, nangodumo, ube yisizwe esingcwele kuSimakade uNkulunkulu wakho, njengokusho kwakhe.”


“Kuyothi uma ulalela nokulalela izwi likaSimakade uNkulunkulu wakho, uqikelele ukugcina yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. USimakade uNkulunkulu wakho uyokuphakamisa phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba.


“Umfokazi ohlala phakathi kwenu uyodlondlobala kunawe, wena uye ngokuya wehla.


Uyakukuboleka wena, wena ungakwazi ukumboleka; yena uyakuba yinhloko, wena ube ngumsila.


Okubalulekile, hambani ngokufanele ivangeli likaKhristu, ukuze kuthi noma ngiza ukuzonibona noma ngizwa ngani ngingekho, ngizwe ukuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye; nilwela inkolo yevangeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka