Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 27:2 - IsiZulu 2020

2 Kuyothi mhla niwela iJordani niya ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, uyozimisela amatshe amakhulu, uwahuqe ngomcako,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 Kuyakuthi mhla niwela iJordani ukuya ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, uzimisele amatshe amakhulu, uwanameke ngodaka,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 Ngosuku eniwela ngalo iJordani ningena ezweni uJehova uNkulunkulu wenu aninika lona, nizimisele amatshe amakhulu, niwanameke ngodaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 27:2
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

aqoshwe edwaleni ngosiba lwensimbi nomthofu, ukuze ahlale ingunaphakade!


Ngiyakubanika inhliziyo ibe yinye, ngifake umoya omusha ezibilini zabo. Ngiyakuyikhipha inhliziyo yetshe kubo, ngibanike inhliziyo yenyama,


Ngiyakuninika inhliziyo entsha, ngifake umoya omusha ezibilinini zenu, ngiyikhiphe inhliziyo yetshe emzimbeni wenu, ngininike inhliziyo yobuntu.


Ngokuba niyakuwela iJordani, ningene ukuba nilidle izwe uSimakade uNkulunkulu wenu aninika lona, niyakulidla, nihlale kulo.


“Kuyokuthi lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba, ulidle, wakhe kulo, libe yifa lakho.


UMose namalunga akwa-Israyeli bayala abantu, bathi: “Gcinani yonke imiyalo esiniyala ngayo namuhla.


ulobe kuwo wonke amazwi alo mthetho, uma usuwelile ukuba ungene ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, izwe elichichima ubisi noju njengoba uSimakade uNkulunkulu wokhokho benu ekhulumile kuwe.


Kuyothi lapho seniliwelile iJordani, nimise lawa matshe enginiyala ngawo namuhla entabeni i-Ebhali, uwahuqe ngomcako.


“Nanku umyalelo, nezimiso, nezehlulelo uSimakade uNkulunkulu wenu ayala ukuba nikufundiswe, futhi nikwenze ezweni eniya kulo ukulidla,


“Yizwa Israyeli: uzakuwela iJordani namuhla, ungene ukuba wephuce izizwe ezinkulu nezinamandla kunawe, imizi emikhulu nebiyelwe kuze kube sezulwini,


“Dabulani enkanjini, niyale abantu ukuba balungise umphako, ngokuba ezinsukwini ezintathu nizowela iJordani, ukuba ningene, nidle izwe uSimakade aninika lona ukuba libe ngelenu.”


Lapho isizwe sonke sesiliwelile iJordani, uSimakade wakhuluma kuJoshuwa wathi:


UJoshuwa wakhela uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli i-althare entabeni i-Ebhali,


walenza lanjengalokhu uMose inceku kaSimakade ayemyalile u-Israyeli, nanjengalokhu kulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuthi: i-althare kumele lenziwe ngamatshe angabaziwe, okungakaze kusetshenziswe thuluzi kuwo. Base benikela iminikelo yokushiswa kuSimakade, banikela neminikelo yokuthula.


Bekuleyo ndawo uJoshuwa wabhala ifuzela lomthetho ayewubhalile uMose phambi kwabo bonke abantu bakwa-Israyeli.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka