Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 26:2 - IsiZulu 2020

2 Uyothatha ulibo lwezithelo zonke zomhlabathi oyoluvuna ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uSimakade uNkulunkulu wakho ayoyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

2 uthathe ulibo lwezithelo zonke zomhlaba olubuthayo ezweni uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ulufake eqomeni, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba igama lakhe lihlale kuyo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

2 uthathe okokuqala kuzo zonke izithelo zomhlaba owukhipha ezweni lakho uJehova uNkulunkulu wakho akunika lona, ukuphonse kubhasikidi, uye endaweni uJehova uNkulunkulu wakho ayakuyikhetha ukuba ahlale kuyo. Faka igama lakhe lapho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 26:2
33 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwafika umuntu waseBhali Shalisha elethele umuntu kaNkulunkulu ukudla kolibo lokuqala, izinkwa zebhali ezingama-20 nezikhwebu ezintsha zamabele emgodleni wakhe. Wathi: “Banike abantu ukuba badle.”


Lathi ukuba leli lizwi lisabalale, abantu bakwa-Israyeli banikela kakhulu ngolibo lokusanhlamvu, olwewayini, olwamafutha, oloju, nolwazo zonke izithelo zamasimu nokweshumi kwakho konke, bakuletha okweshumi kwakho konke lokhu.


kodwa ngilikhethile iJerusalema ukuba igama lami libe lapho, ngimkhethile noDavide ukuba abe phezu kwabantu bami, u-Israyeli.’


Ngalolo lusuku kwaqokwa amadoda okuqapha amagumbi lapho kwakugcinwe khona izipho ethempelini; izithelo zokuqala, nokweshumi kwamabele, nokwezithelo, minyaka yonke. Lawo madoda ayehambele yonke imizi ukuyoqoqa umkhiqizo owawunikelelwa ukunakekela abaphristi nabaLevi, njengalokhu kubhaliwe emthethweni. Bonke abantu bakwaJuda babewuthokozela umsebenzi owenziwa ngabaphristi nabaLevi,


Ngabuye ngahlela ukulethwa kwezinkuni ngezikhathi ezimisiweyo, nokwethulwa kwesivuno sokuqala. Nkulunkulu wami, ngikhumbule ngokuhle engikwenzileyo.


Niyakungakhela i-althare ngomhlabathi, nenze phezu kwalo imihlatshelo yokushishwa neyokuthula, ngezimvu nezinkomo zenu, kuzo zonke izindawo lapho ngenza khona ukuba igama lami likhunjulwe, ngiyakuza nginibusise.


“Awuyukukhohlwa ukuletha iminikelo yesivuno sakho sokusanhlamvu nesewayini. “Amazibulo amadodana akho uyakuwanika Mina.


“Uyogubha umkhosi wokuvuna wezithelo zokuqala zomsebenzi wakho owuhlwanyele ensimini. “Ugubhe umkhosi wokuqoqa konke okulime ensimini ekupheleni konyaka.


“Ngonyaka uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho okwekhethelo kwesivuno sakho sokuqala. “Ungalipheki izinyane lembuzi obisini lukanina.”


“Uyoletha endlini kaSimakade uNkulunkulu wakho isivuno sakho sokuqala. “Awuyukulipheka izinyane lembuzi ngobisi lukanina.”


U-Israyeli ungcwele kuSimakade, uwulibo lwezithelo zakhe; bonke abazidlayo bayothweswa icala, behlelwe ngokubi,’ ” kusho uSimakade.


Ngokuba entabeni yami engcwele, esicongweni sentaba yakwa-Israyeli, yonke indlu yakwa-Israyeli iyakungikhonza kuyo ezweni; ngiyakubemukela khona, ngifune iminikelo yenu, okwekhethelo kwenu nakho konke okungcwele okungokwenu,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Lonke ulibo lokuqala lwakho lwekhethelo, konke nayo yonke iminikelo yakho, konke eminikelweni yenu yonke, kuyakuba ngokwabaphristi, nimnike umphristi ulibo lwenhlama yenu, ukuze isibusiso sihlale endlini yakho.


Abayukuthengisa ngawo, bangananiselani ngawo; lena yindawo ekhethekileyo yezwe, bangalidluliseli komunye umuntu izwe, ngokuba lingcwele kuSimakade.


Unganikela ngakho kuSimakade kube ngumnikelo wolibo, kodwa awuyukunikela ngakho e-althare kube yiphunga elimnandi.


“ ‘Uma uletha umnikelo wokusanhlamvu wolibo kuSimakade, uyonikela ngeminyani yamabele eshiswe ngomlilo, amabele abhuliweyo eminyani emisha, kube ngumnikelo wokusanhlamvu wolibo lwakho,


Uma ulibo lungcwele, nenhlama injalo; uma impande ingcwele, anjalo namagatsha.


Khonzani nasebandleni elisendlini yabo naku-Efenethu, othandekayo kimi, owulibo lwabase-Asiya kuKhristu.


Akusikho nje lokho kuphela, kodwa nathi uqobo lwethu esinolibo lokuqala lukaMoya, siyabubula phakathi kwethu; silindele ngethemba elikhulu isimo sobuntwana, ukukhululwa komzimba wethu.


Kodwa manje uKhristu uvusiwe kwabafileyo, uwulibo lwabaleleyo.


Kepha yilowo nalowo ngokwesigaba sakhe: uKhristu kuqala, bese kuba ngabakaKhristu ekubuyeni kwakhe,


Ngosuku lokuqala lweviki akube yilowo nalowo azibekele, aqongelele azakunikela ngakho njengokuphumelela kwakhe, ukuze kuthi lapho ngifika, kungabi yima kuqalwa kuqoqwa umnikelo.


Uyogcina umkhosi wamasonto kuSimakade uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle, wesandla sakho, oyakuwunikela njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile.


Uyomnika futhi ulibo lokusanhlamvu kwakho, olwewayini lakho, olwamafutha akho amasha, nezandulela zoboya bezimvu zakho.


“Kuyokuthi lapho usufikile ezweni uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona ukuba, ulidle, wakhe kulo, libe yifa lakho.


Uyoya kumphristi oyobe elapho ngalezo zinsuku, uthi kuye: ‘Ngiyaqinisa namuhla kuSimakade uNkulunkulu wakho ukuthi sengifikile ezweni uSimakade afunga kokhokho ukusinika lona.’


Wasizala ngezwi leqiniso ngokuthanda kwakhe, ukuze sibe ngamazibulo ezidalwa zakhe.


Inhlangano yonke yakwa-Israyeli yayisihlangana eShilo, yamisa lapho ithende lokuhlangana. Izwe lanqotshwa phambi kwayo.


Laba, yilabo abangangcoliswanga ngabesifazane, ngokuba bayizindela. Laba yibo abalandela iWundlu noma kuphi lapho laliya khona. Laba bathengwa ebantwini ukuba babe lulibo kuNkulunkulu nakulo iWundlu,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka