Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 23:4 - IsiZulu 2020

4 Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni lapho niphuma eGibhithe, nokuthi baqasha uBhileyamu, indodana kaBheyori wasePhethori e-Aramu Naharayimi, ukuba amelane nawe, akuqalekise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe, nangokuba baqasha ukuba kumelane nawe uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori laseMesopotamiya ukuba akuqalekise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Ngokuba abanihlangabezanga ngesinkwa nangamanzi endleleni ekuphumeni kwenu eGibithe; nangokuba bakuqashela uBileyamu indodana kaBeyori wasePethori eMesopotamiya ukuba akuqalekise.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 23:4
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba kwathi lapho uJezebheli ebulala abaphrofethi bakaSimakade, u-Obhadiya wabathatha abaphrofethi abayikhulu, wabafihla ngama-50 emgedeni ngamunye, wabondla ngesinkwa nangamanzi.


Sekwenziwe konke lokho, abaholi beza kimi, bathi: “Abantu bakwa-Israyeli, abaphristi, abaLevi abazehlukanisanga kubantu bezizwe nasemikhubeni yabo eyenyanyekayo, eyamaKhanani, amaHithi, amaPherizi, amaJebusi, ama-Amoni, abakwaMowabi, abaseGibhithe nama-Amori.


ngoba labo bantu benqaba ukunika abakwa-Israyeli ukudla namanzi, kunalokho baqasha uBhalamu ukuba abaqalekise, kodwa uNkulunkulu wethu waguqula isiqalekiso saba yisibusiso.


kuzo zonke izinhlupheko zabo. Ingelosi yobukhona bakhe yabasindisa. Wabahlenga ngenxa yothando lwakhe, nesihawu sakhe; wabetshatha, wabathwala zonke izinsuku zasemandulo.


Kubantu bakwa-Amoni. Usho kanje uSimakade, uthi: “Kanti u-Israyeli akanamadodana, akanandlalifa na? Kungani inkosi yabo idle elakwaGadi, nabantu bayo bahlala emizini yakhona na?


Isitha selulele isandla saso phezu kwakho konke okuthandekayo kwalo. Impela libabonile abezizwe bengena endaweni yalo engcwele; labo owayala ukuba bangangeni ebandleni lakho.


Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: ‘Endlini yami engcwele akayukungena owezizwe ongasokile enhliziyweni nongasokile enyameni, kubo bonke abezizwe abahlala nabantu bakwa-Israyeli.


Ngokuba usho kanje uSimakade Wamabandla ongithumile ukuyolanda inkazimulo yakhe ezizweni ezaniphanga, ngokuba othinta nina usethinte inhlamvu yeso lakhe.


ngoba ngizokuhlonipha kakhulu, ngiyokwenzela noma yini oyifunayo. Ngiyakuncenga, woza uzongiqalekisela laba bantu.’ ”


UBhileyamu wayesewethula umbiko wakhe, wathi: “UBhalaki ungisuse e-Aramu wangiletha lapha, inkosi yakwaMowabi ngasezintabeni empumalanga. Yathi: ‘Woza, ungiqalekisele uJakobe; woza uzojivaza u-Israyeli.’


“INkosi iyakuphendula, ithi kubo: ‘Ngiqinisile ngithi kini, njengokuba nakwenza lokho kulaba bafowethu abancane, nakwenza kimi uqobo.’


Wawela phansi emhlabathini, wezwa izwi lithi kuye: “Sawula, Sawula, ungihluphelani na?”


Inkosi uBhalaki, indodana kaZiphori wakwaMowabi, waphuma ukuyolwa no-Israyeli. Wathumela ukuyobiza uBhileyamu indodana kaBheyori ukuba aniqalekise,


Bashiye indlela eqondileyo, baduka, balandela indlela kaBhalamu indodana kaBheyori owayethanda umvuzo ongalungile.


Maye, kubo, ngokuba bahamba endleleni kaKhayini, bagijimela nasephutheni likaBhalamu alenza ngenxa yomvuzo; babhubha njengoKhora owahlubukayo.


Ngisithathe yini isinkwa sami, namanzi ami, nenyama engikuhlabele abagundi bami, ngikuphe abantu engingabazi ukuthi bavelaphi na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka