Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 23:14 - IsiZulu 2020

14 ngokuba uSimakade uNkulunkulu wakho uyahamba ehla enyuka phakathi kwenkambu ukukuhlenga, futhi izitha zakho uzinikele kuwe. Ngalokho-ke inkambu yakho liyokuba ngcwele ukuze angaboni into engcolileyo phakathi kwenu, bese ekufulathela.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

14 ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu ukukophula nokunikela izitha zakho phambi kwakho; ngalokho ikamu lakho liyakuba ngcwele ukuba angaboni into engcolileyo kuwe, akufulathele.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

14 Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyahamba phakathi kwekamu lakho ukuba akusindise, akhulule izitha zakho phambi kwakho; ngalokho umbhede wakho uyakuba ngcwele, ukuze angaboni lutho olungcolile kuwe, aphambuke kuwe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 23:14
8 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Ntambama selipholile, indoda nomkayo bezwa izigi zikaSimakade uNkulunkulu ezihambela ensimini, base becasha phakathi kwemithi.


UNkulunkulu uphakathi kwawo, awuyukuzanyazanyiswa, uNkulunkulu uyakuwusiza ngovivi lokusa.


UNkulunkulu wathi: “Ungasondeli lapha; khumula izimbadada ezinyaweni zakho, ngokuba indawo omi kuyo ingumhlabathi ongcwele.”


Ngiyakuhamba phakathi kwenu, ngibe nguNkulunkulu wenu, nibe ngabantu bami.


Linakuvumelana kuni ithempeli likaNkulunkulu nezithombe na? Ngokuba thina siyithempeli likaNkulunkulu ophilayo njengalokhu uNkulunkulu, ethi: “Ngiyakuhlala phakathi kwabo, ngihambe phakathi kwabo. Ngiyakuba nguNkulunkulu wabo, bona babe ngabantu bami.”


Uyophatha isimbo ezimpahleni zakho, ukuze kuthi lapho uhlala phansi uzikhulula, umbe ngaso, bese ukugqiba lokho okuphume kuwe,


Zase zikhuphukela phezu kobubanzi bomhlaba, zazungeza inkambu labangcwele nomuzi othandiweyo, kwase kwehla umlilo uvela ezulwini, wazidla waziqeda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka