UDuteronomi 22:21 - IsiZulu 202021 bayoyikhiphela ngasemnyango wendlu kayise intombi, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenze ihlazo kwa-Israyeli, yafeba, yahlaza indlu kayise. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE21 bayakuyikhiphela intombi ngasemnyango wendlu kayise, amadoda omuzi ayikhande ngamatshe ize ife, ngokuba yenzile ubuwula kwa-Israyeli, ifeba endlini kayise; kanjalo uyakukhipha ububi phakathi kwakho. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 202421 Khona-ke kumelwe bayikhiphele intombazane emnyango wendlu kayise, amadoda omuzi wakubo kumelwe ayikhande ngamatshe, ize ife, ngoba yenze ubuwula kwa-Israyeli ngokufeba endlini kayise; ngakho kufanele ususe ububi phakathi kwakho. Uka jalj uñjjattʼäta |
Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.