Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 21:6 - IsiZulu 2020

6 Wonke amalunga alowo muzi oseduze nalapho kubulawelwe khona lowo muntu, ayogeza izandla zawo phezu kwesithole esephulwe intamo esigodini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 onke amalunga alowo muzi oseduze nobuleweyo ayakuhlamba izandla zawo phezu kwesithokazi esaphulelwe intamo esigodini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wonke amadoda amadala alowo muzi aseduze kwalabo abanqotshiweyo kumelwe ageze izandla zawo phezu kwenkomo enqunywe ikhanda esigodini.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 21:6
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Igazi lakhe malibe phezu kwekhanda likaJowabe nakubo bonke abendlu kayise: makungahlali kungekho endlini yakhe ocucuzayo, onochoko, ozimelelayo ngodondolo, ofa ngenkemba, noswela isinkwa.”


Noma ngingageza ngamanzi eqhwa, ngihlanze izandla zami ngensipho,


Ngubani owazi amaphutha akhe na? Ngithethelele eziphosisweni ezisithekileyo.


Ngigeza izandla zami ngingenacala, ukuze ngizungeze i-althare lakho, Simakade,


Nkulunkulu, ngikhulule ecaleni legazi, Nkulunkulu wensindiso yami, yikhona ulimi lwami luzohuba ngokulunga kwakho.


Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.


Ngihlanze ngehisophi, ngihlambuluke, ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.


Impela inhliziyo yami ngiyigcinele ize, ihlanzekile, nezandla zami ngazihlamba ngingenacala,


Ngokuba noma ugeza ngesoda, uzithathele insipho eningi, ububi bakho bulotshiwe phambi kwami,” kusho iNkosi uSimakade.


Ayofakaza athi: ‘Izandla zethu azilichithanga leli gazi, namehlo ethu awakubonanga lokhu.


Kepha iqondene nokudla, ukuphuza, nokugeza okunhlobonhlobo okuyizimiso zabantu, kuze kulethwe isikhathi senqubo entsha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka