Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 2:5 - IsiZulu 2020

5 ningalwi nabo, ngokuba angiyukuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, ngokuba iSeyiri ngalinika u-Esawu ukuba libe yifa lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

5 ningalwi nabo, ngokuba angiyikuninika izwe labo, ngisho nendawo yamathe onyawo, lokhu ngimnikile u-Esawu intaba yaseSeyiri ibe yifa lakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

5 Ungagxambukeli kubo; ngokuba angiyikuninika okwezwe labo, ngisho nobubanzi bonyawo; ngoba intaba iSeyiri ngamnika uEsawu ibe yilifa.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 2:5
13 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Esawu owayaziwa ngokuthi ngu-Edomi wazinza kwelezintaba eSeyiri.


Nantu uhla lwezizukulwane zika-Esawu, ukhokho wabakwa-Edomi, ababehlala kwelezintaba eSeyiri.


Mina ngenzile umhlaba, abantu nezilwane; okusebusweni bomhlaba; ngamandla ami amakhulu, nangezikhwepha zami, futhi ngikunika noma ngubani othandekayo emehlweni ami.


“Ndodana yomuntu, bhekisa ubuso bakho ngasentabeni iSeyiri uphrofethe umelane nayo,


sokuthi uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, umanziswe ngamazolo ezulu, kudlule izikhathi eziyisikhombisa phezu kwakho, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.


uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


Wazenza izizwe zonke ngagazi linye ukuba zakhe ebusweni bomhlaba, wamisa izinkathi ezinqunyiweyo nemingcele yokuhlala kwazo,


Kepha akamnikanga ifa kulo, ngisho nesiqinti esingangonyawo, kodwa wethembisa ukuthi uzakumnika lona libe ngelakhe nenzalo yakhe, emva kwakhe, engakabi namntwana.


Njengalokhu enza kwabozalo luka-Esawu ababehlala eSeyiri, ngesikhathi ebhubhisa amaHori phambi kwabo, ewephuca izwe lawo, kwase kuhlala bona endaweni yawo kuze kube yinamuhla.


Niyothenga kubo ngesiliva ukudla eniyokudla, namanzi eniyowaphuza, niwakhokhele isiliva.” ’


OPhezukonke lapho abela izizwe ifa lazo, lapho ehlukanisela abantwana babantu, wamisa imingcele yezizwe ngokwenani labantu bakwa-Israyeli.


U-Isaka ngamnika uJakobe no-Esawu. Ngamnika u-Esawu elezintaba kuze kube seSeyiri ukuba alidle libe yifa lakhe, kodwa uJakobe nabantwana bakhe behlela eGibhithe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka