Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 18:13 - IsiZulu 2020

13 Mawungabi nacala kuSimakade uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

13 Mawuphelele kuJehova uNkulunkulu wakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

13 Kumelwe niphelele kuJehova uNkulunkulu wenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 18:13
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi u-Abhrama eseneminyaka engama-99, uSimakade wabonakala kuye wathi: “NginguNkulunkulu uSomandla. Hamba phambi kwami ungenasici.


Nanku umlando kaNowa nezizukulwane zakhe. UNowa wayengumuntu oqotho, engenasici esizukulwaneni sakhe, ehamba noNkulunkulu.


Inhliziyo yenu mayibe kuSimakade uNkulunkulu wethu ngokupheleleyo, nihambe ngezimiso zakhe, nigcine imiyalo yakhe njenganamuhla.”


Kwakukhona indoda e-Uzi egama layo kwakunguJobe; leyo ndoda yayingenasici; iqotho, imesaba uNkulunkulu, futhi ikugwema okubi.


USimakade wathi kuSathane: “Inhliziyo yakho isike yayiqaphela yini inceku yami uJobe na? Ngokuba akukho muntu namunye ofana naye emhlabeni, ongenasici, oqotho, owesaba uNkulunkulu nogwema okubi.”


Mqaphele ongenasici, umbheke oqotho, ngokuba uyobona izizukulwane onokuthula.


Yibani ngabapheleleyo, njengalokhu noYihlo wasezulwini uphelele.”


Akusho ukuthi sengifinyelele kulokhu kumbe sengiphelelisiwe, kodwa ngiyaphikelela ukuba kambe ngingaze ngikubambe lokho nami engabanjelwa khona nguKhristu uJesu.


Thina sonke esipheleleyo masibe nokuqonda okunjalo. Kepha uma kwenzeka niba nokuqonda okwehlukileyo, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona,


“Manje mesabeni uSimakade, nimkhonze ngobuqotho nangeqiniso, nibasuse onkulunkulu ababekhonzwa ngokhokho besengaphesheya komfula naseGibhithe, nikhonze uSimakade.


Linda, uqinise okuseleyo obesekuzakufa, ngokuba angiyifumananga imisebenzi yakho iphelelisiwe phambi kukaNkulunkulu wami.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka