Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 18:10 - IsiZulu 2020

10 Makungafunyanwa muntu phakathi kwenu onikela ngendodana yakhe noma ngendodakazi yakhe ngokuyidabulisa emlilweni, noma umbhuli, ohlola imihlola, owenza imilingo, noma umlumbi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Makungafunyanwa kuwe umuntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma umbhuli, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umlumbi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Akuyikufunyanwa kinina odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni, noma obhulayo, noma ohlola imihlola, noma ohlola imihlola, noma owenza imilingo, noma umthakathi,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 18:10
36 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Akusiyo yini le indebe yenkosi yami ephuza ngayo, ibuye ibhule ngayo na? Enikwenzileyo kubi kakhulu.’ ”


Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waze wadabulisa nendodana yakhe emlilweni, njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Badelela izimiso zakhe, isivumelwano sakhe asenza nokhokho babo nezexwayiso ayebaxwayisa ngazo, balandela okuyize. Benza okuyize, baba yize njengezizwe abazilandelayo ezazibazungezile, uSimakade ayebayale ukuba bangenzi njengazo.


Badabulisa amadodana namadodakazi abo emlilweni, babhula, benza imilingo, bazithengisela ukwenza okubi emehlweni kaSimakade, ukuchukuluza ulaka lwakhe.


Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wabhula, wavumela abanamadlozi nabathakathi. Wenza okubi okuningi phambi kukaSimakade, wachukuluza ulaka lwakhe.


Abanamadlozi, abathakathi, amatherafi, izithombe nazo zonke izinengiso ezazibonakala kwaJuda naseJerusalema, uJosiya wakususa ukuze afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya, umphristi, ayeyithole endlini kaSimakade.


USawule wakhothama kanjalo-ke, ngenxa yesiphambeko sakhe asenza kuSimakade, akaze aligcina izwi likaSimakade, nangokuba aya kobhula konedlozi, wabuza kuye,


Washisa impepho esigodini sendodana kaHinomu, washisa amadodana akhe emlilweni njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabakwa-Israyeli.


Wawadabulisa amadodana akhe emlilweni esigodini sendodana kaHinomu, wahlola imihlola, wenza imilingo, wenza amalumbo wabuye wavumela abanamadlozi nabathakathi, wenza nokunye okubi okuningi phambi kukaSimakade, waze wachukuluza ulaka lukaSimakade.


Kepha uma uyise wentombi enqaba ukumganisela, uyakukhokha inani elilingana nelobolo lentombi.


“Awuyukumvumela umlumbikazi aphile.


Ukhathele ngenxa yobuningi bamacebo akho; mabasukume, bakusindise abadabula izulu, nababheka izinkanyezi, nabazisa ngezinyanga ezintsha, ukuthi kukuphi lapho kuzovela khona lokhu okuzokwehlela.


ngokuba baphrofetha kini amanga, ukuze nisuswe ezweni lakini, niyiswe kude; ngiyakunixosha, niphele nya.


Kepha nina ningabalaleli abaphrofethi benu, ababhuli benu, namaphupho enu, nabahlola imihlola phakathi kwenu, nabalumbi benu abakhuluma kini, bethi: ‘Aniyukuyikhonza inkosi yaseBhabhele,’


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.


“ ‘Aniyukudla lutho olunegazi, aniyukwenza imilingo, noma nihumushe izimpawu.


“ ‘Aniyukuphendukela emadlozini nakubathakathi, ningazingcolisi ngabo; nginguSimakade uNkulunkulu wenu.


“ ‘Nalowo muntu oyakuphendukela kwabanamadlozi nakwabathakathayo ukuba aphinge nabo, ngiyomelana nalowo muntu, ngimnqume kubantu bakubo.


Ngiyakushabalalisa ukulumba okwenza ngezandla zakho, kungabe kusababikho ababhula kuwe.


“Ngiyakusondela kini ukuzokwehlulela. Ngiyakushesha ngifakaze ngimelane nabalumbi, iziphingi, abafunga amanga, nababamba umholo womqashwa ngokungafanele, bacindezele abafelokazi nezintandane, babaphathe kabi abafokazi, futhi nami bangangesabi,” kusho uSimakade Wamabandla.


Kepha abanye balabo ababenza imilingo baqoqa izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke. Lapho sekubalwa inani lazo, kwatholakala ukuthi liyizinhlamvu zesiliva eziyizi-50 000.


Kwakukhona indoda ethile igama layo kunguSimoni, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, imangalisa abantu abaningi baseSamariya, izishaya umuntu omkhulu.


ukukhonza izithombe, ukuthakatha, ubutha, ukulwa, umona, ulaka, ubugovu, ukwehlukana, ukuba maqembuqembu,


Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.


Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula, nenkani ifana nobubi nokukhonza izithombe. Ngokuba ulilahlile izwi likaSimakade, naye ukulahlile, awusezukuba yinkosi.”


USamuweli wafa; wonke u-Israyeli wamkhalela, wamngcwaba emzini wakhe, eRama. USawule wayebaxoshile ezweni bonke abantu abanamadlozi nabathakathi phakathi kwesizwe.


Wayesethi uSawule ezincekwini zakhe: “Ngifuneleni owesifazane onedlozi ukuze ngiye kuye, ngiyobuza.” Izinceku zakhe zathi kuye: “Bheka, kukhona owesifazane onedlozi e-Eni Dori.”


USawule wazifihla, wembatha ezinye izingubo, wahamba nabantu bakhe ababili, bafika kowesifazane ebusuku, wathi: “Ake ungibhulele ngedlozi, ungenyusele lowo engiyakumusho kuwe.”


Owesifazane wathi: “Uyabona-ke, wazi kahle ukuthi uSawule wenzeni, ubabhubhisile ezweni abanamadlozi nabathakathi; manje kungani ungibekela ugibe ukuze ungibulale na?”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka