Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 17:19 - IsiZulu 2020

19 Liyohlala kuye, alifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uSimakade uNkulunkulu wakhe. Awagcine wonke amazwi omthetho kaSimakade, enze lezi zimiso,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

19 iyakuba kuye, ayifunde zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ukuba afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe, agcine onke amazwi omthetho wakhe nalezi zimiso ukuba azenze,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

19 Kumelwe ibe kuye, futhi kumelwe ayifunde zonke izinsuku zokuphila kwakhe, ukuze afunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wakhe nokugcina wonke amazwi alo mthetho nalezi zimiso ukuba awenze.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 17:19
11 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

UShafani, umbhali, wabika enkosini, ukuthi: “UHilikiya, umphristi, unginike incwadi.” UShafani wayeseyifunda phambi kwenkosi.


kodwa othokoza ngoMthetho kaSimakade, azindle ngawo imini nobusuku.


Nihlola imibhalo ngokuba nicabanga ukuthi kuyo nizothola ukuphila okuphakade, kanti-ke yiyo efakaza ngami.


Niyakuwabeka lawa mazwi ami enhliziyweni yenu nasemphefumulweni wenu, niwabophe abe wuphawu esandleni senu, abe yisikhumbuzo phakathi kwamehlo enu.


lwalunjani usuku owema ngalo phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe, lapho uSimakade athi kimi: ‘Ngiqoqele abantu ukuze ngibazwise amazwi ami, bafunde ukungesaba zonke izinsuku zokuhamba kwabo emhlabeni, futhi bawafundise nabantwana babo.’


“Kepha qikelela, uqaphele kakhulu, funa ukhohlwe yizinto ozibonile ngamehlo akho, funa zisuke enhliziyweni yakho izinsuku zonke zokuhamba kwakho. Bazise zona abantwana bakho nabantwana babantwana babo nokuthi,


UMose wayesebiza wonke u-Israyeli, wathi kuye: “Yizwa, Israyeli, izimiso nezehlulelo engizisho ezindlebeni zakho namuhla ukuba uzifunde bese uqikelela ukuzenza.


Le ncwadi yomthetho ayiyukusuka emlonyeni wakho; uyakuzindla ngayo imini nobusuku, ukuze uqikelele ukwenza njengakho konke okulotshwe kuyo. Ngokwenzenjalo uyokwenza indlela yakho ichume, ube nenqubekelaphambili.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka