Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 17:15 - IsiZulu 2020

15 uyombeka nokumbeka akubuse, uSimakade uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyobeka omunye wabafowenu abe yinkosi, akubuse, ukuze ungabeki owezizwe, ongesiye umfowenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 uyakumbeka nokumbeka abe yinkosi phezu kwakho yena uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; uyakubeka omunye wabafowenu inkosi phezu kwakho, ungabeki phezu kwakho owezizwe, ongesiye umfowenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Kumelwe ummise abe yinkosi phezu kwakho kukho konke uJehova uNkulunkulu wakho ayakumkhetha; omunye wabafowenu kumelwe umise inkosi phezu kwakho; awuyikumisa phezu kwakho umfokazi ongesiye umfowenu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 17:15
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zonke izizwe zakwa-Israyeli zeza kuDavide eHebhroni, zathi kuye: “Uyabona, thina siyithambo lakho nenyama yakho.


Ngesikhathi esedlule, sisabuswa yinkosi uSawule, nguwe owawuhola u-Israyeli ephuma noma ebuya empini. USimakade wathi kuwe: ‘Wena uyokwelusa abantu bami, u-Israyeli, uyokuba ngumbusi phezu kuka-Israyeli.’ ”


Nanti inani lezinhloko ezazihlomile ezeza kuDavide eHebhroni, ukuba ziguqulele kuye umbuso kaSawule njengokusho kwezwi likaSimakade.


Uyakulakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, Mina ngibe nguyise. Isihlalo sakhe sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli ngiyosimisa kuze kube phakade.’


Emadodaneni ami wonke, ngokuba uSimakade ungiphile amadodana amaningi, ukhethe uSolomoni, indodana yami, ukuba ahlale esihlalweni sobukhosi sombuso kaSimakade kwa-Israyeli.


Amakhosi omhlaba ayazihlanganisa, nababusi baceba icebo ngogcotshiweyo kaSimakade, bathi:


“Mina ngiyibekile inkosi yami, entabeni yami engcwele iZiyoni.”


Ngiyifumene inceku yami, uDavide, ngayigcoba ngamafutha ami angcwele.


Nqanda unyawo lwakho lungabi olungenasicathulo, nomphimbo wakho ukuba ungomi; kepha wena wathi: ‘Kuyize; qha, ngiyabathanda onkulunkulu babezizwe, ngizobalandela.’


Isikhulu siyakuba ngomunye wabo, nombusi walo uyakuvela phakathi kwabo. Ngiyakumsondeza, asondele kimi, ngokuba ngubani oke waba nesibindi sokusondela kimi na?’ kusho uSimakade.


Ngakho-ke sitshele ukuthi yikuphi okulungile. Kuvunyelwe yini ukukhokha intela kuKhesari noma qha na?”


USamuweli wathi kubo bonke abantu: “Niyambona lowo uSimakade amkhethileyo, ukuthi akekho onjengaye phakathi kwabantu bonke na?” Bonke abantu bakhamuluka bathi: “Mayime njalo inkosi!”


Umeme uJese eze emhlatshelweni; Mina ngiyokwazisa ukuthi kufanele wenzeni. Uyongigcobela lowo engiyakumusho kuwe.”


athi kuye: “Bheka, usumdala manje, amadodana akho awahambi ezindleleni zakho; sibekele inkosi ukuba isehlulele njengezizwe zonke.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka