Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 17:11 - IsiZulu 2020

11 Wenze njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona, nanjengesehlulelo abayakukutshela sona. Ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwehluleleni kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 njengezwi lomthetho abayakukufundisa lona nanjengesahlulelo abayakukutshela sona uyakwenza, ungachezukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo ekwahluleleni kwabo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Njengomthetho abayakunifundisa wona, nanjengesahlulelo abayakukutshela sona, nikwenze;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 17:11
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Yathi-ke inkosi: “Ngabe isandla sikaJowabe asinawe kukho konke lokhu na?” Owesifazane waphendula, wathi: “Ngifunga ngiyagomela kuwe, nkosi yami, nkosi, akukho muntu ongaphikisana nakho konke okukhulunywe yinkosi yami, inkosi. Inceku yakho, uJowabe, yangiyaleza, yangifunza wonke lawa mazwi.


Ungaphambukeli kwesokunene nakwesokhohlo; dedisa unyawo lwakho kokubi.


nize nifundise abantu bakwa-Israyeli zonke izimiso uSimakade azikhulume kubo ngesandla sikaMose.”


Ubokwenza njengalokhu benqumile, wenze lokho abayokutshela khona kuleyo ndawo uSimakade ayoyikhetha, uqaphele ukukwenza konke lokho abakufundisa khona.


angaziboni engcono kunabafowabo, angaphambuki emiyalweni aye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze zande izinsuku zakhe embusweni wakhe, yena nabantwana bakhe, phakathi kuka-Israyeli.”


“Uma kukhona ukuxabana phakathi kwabantu, bese beya esigcawini sokwehlulela, kuthethwe icala labo, liyomthetha icala olungileyo, limlahle onecala.


Ungaphambuki kuwo wonke amazwi engikuyala ngawo namuhla, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ulandele abanye onkulunkulu, ubakhonze.


“Niyoqaphela ukuba nenze njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wenu eniyalile, ningaphendukeli ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo.


Bakhumbuze ukuba bathobele ababusi neziphathimandla, balalele, futhi bakulungele ukwenza yonke imisebenzi emihle;


Qina kuphela, ube nesibindi kakhulu, uqaphele ukwenza njengokomthetho wonke inceku yami uMose akuyala ngawo. Ungachezuki nakancane kuwo, uye ngakwesokunene noma ngakwesokhohlo, ukuze ube nempumelelo noma kuphi lapho uya khona.


“Ngakho-ke qinani kakhulu ukuze nigcine futhi nenze konke okulotshwe encwadini yomthetho kaMose, ukuba ningachezukeli kwesokunene noma kwesokhohlo,


ikakhulu labo abenza izinto ezixakile behudulwa yizinkanuko zabo ezimbi futhi bedelela nabasemagunyeni. Banesibindi futhi bangabaphikeleli abangesabi ukuhleba abenkazimulo,


Ngokunjalo, nalaba abaphuphayo banukubeza imizimba yabo, futhi baphika ubukhosi, bahlambalaze nezidalwa ezingcwele.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka