Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 16:17 - IsiZulu 2020

17 Yilowo nalowo uyokhipha ngokwamandla akhe, nanjengokwesibusiso uSimakade uNkulunkulu wakho amuphe sona.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

17 yilowo nalowo uyakunika njengamandla akhe, ngokwesibusiso uJehova uNkulunkulu wakho akunike sona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

17 Yilowo nalowo makanikele njengamandla akhe, ngokwesibusiso sikaJehova uNkulunkulu wakho akuphe sona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 16:17
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Ngokuba ngingubani mina, nabantu bami bayini ukuba sibe namandla okunikela kangaka na? Ngokuba konke kuvela kuwe, thina-ke sikunika okuvela esandleni sakho.


Umbusi wabatshela ukuthi bangakudli okungcwelengcwele, kuze kuvele umphristi one-Urimi neThumimi.


Isikhulu siyakuletha umnikelo wokusanhlamvu: i-efa ngenkunzi ne-efa ngenqama; ngamawundlu, kube ngangamandla aso, bese kuba yihini lamafutha nge-efa.


Kepha uma owethembisayo empofu, uyoyiswa kumphristi, umphristi uyomlinganisela ngokwamandla akhe lowo owenze isithembiso.


Uma kukhona ukulangazela, nesipho siyemukeleka njengalokhu umuntu ethanda, kungayi ngalokho angenakho.


Uyogcina umkhosi wamasonto kuSimakade uNkulunkulu wakho ngesipho somnikelo wesihle, wesandla sakho, oyakuwunikela njengalokhu uSimakade uNkulunkulu wakho ekubusisile.


“Bonke abesilisa okanye nabo bayakuvela kathathu ngonyaka phambi kukaSimakade uNkulunkulu wakho, endaweni ayoyiqoka: ngoMkhosi Wesinkwa Esingenamvubelo, ngoMkhosi Wamasonto, nangoMkhosi Wamadokodo; abayukuza phambi kukaSimakade bengaphethe lutho olungumnikelo ezandleni.


“Uyozikhethela abehluleli nezinduna emizini yakho yonke uSimakade uNkulunkulu wakho akunika yona ngokwezizwe zakho. Bayokwehlulela abantu ngokwehlulela okulungileyo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka