Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 15:9 - IsiZulu 2020

9 Qaphelani ukuba ningabi nomcabango omubi enhliziyweni yenu, nithi: ‘Unyaka wesikhombisa, unyaka woyekelelo ususondele,’ bese nimbheka kabi umfowenu ompofu, ningabe nisamnika lutho. Kuyothi lapho ekhala kuSimakade ngani, lokho kube yisono sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

9 Xwaya ukuba kungabikho mcabango omubi enhliziyweni yakho ngokuthi: ‘Umnyaka wesikhombisa, umnyaka woyekelo, ususeduze;’ iso lakho beseliba libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho, abesekhala kuJehova ngawe, kube yisono sakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

9 Qaphela ukuba kungabikho umcabango omubi enhliziyweni yakho othi: Unyaka wesikhombisa, umnyaka wokukhululwa, useduze; iso lakho libe libi kumfowenu ompofu, ungamniki lutho; wabiza uJehova ngani, kube yisono senu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 15:9
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Benza ukuba ukukhala kwabampofu kufinyelele kuye, wakuzwa ukukhala kwabahluphekayo.


Angizukuyibeka phambi kwamehlo ami into embi; ngiyakuzonda okwenziwa ngabahlubukayo, akuyukunamathela kimi.


Kepha Wena Simakade, uthi: “Ngenxa yabampofu abaphangwayo, nababuswezi ababubulayo, ngizakuvuka,” kusho uSimakade, “ngimbeke endaweni ephephile, ayilangazelelayo.”


Ungumphindiseli, uyabakhumbula, akabakhohlwa abahluphekileyo nabathobekile, akakukhohlwa ukukhala kwabo.


Aniyukumhlupha umfelokazi nentandane.


Uma ubahlukumeza, bese bekhala kimi, ngiyokuzwa ukukhala kwabo,


USimakade wathi: “Ngikubonile ukuhlupheka kwabantu bami abaseGibhithe, futhi ngikuzwile ukukhala kwabo ngenxa yababacindezelayo, ngiyakwazi nokuhlupheka kwabo.


Owedelela umakhelwane wakhe uyona, kodwa lowo onomusa kwabampofu ubusisiwe.


Ovala indlebe ekukhaleni kwabampofu, naye uyokhala angaphendulwa.


Ungadli ukudla koneso elibi, ungafisi izilovela zakhe,


Ukuceba ubuwula kuyisono, nobhinqayo uyisinengiso kubantu.


Umuntu onomona uyashesha ukuceba, kodwa akazi ukuthi ubuphofu buyakufika kuye.


Gcina inhliziyo yakho kukho konke okulondayo, ngokuba yona ingumthombo wokuphila.


“Mina Simakade ngiyayiphenya inhliziyo, ngihlole nezinso; ukuba nginike yilowo nalowo njengokwezindlela zakhe, nanjengezithelo zezenzo zakhe.”


‘Kuyakuthi ekupheleni kweminyaka eyisikhombisa, kube yilowo nalowo akhulule umfowabo ongumHebheru, ozithengise kuwe, uyakukusebenzela iminyaka eyisithupha, bese umkhulula ukuba ahambe,’ kepha okhokho benu kabangilalelanga, abakugqizanga qakala lokho.


Ngokuba enhliziyweni kuvela imidlinzo emibi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, nokuhlambalaza.


Angivunyelwe yini ukwenza engikuthandayo ngokungokwami na? Ngabe iso lakho libi, ngenxa yokuba ngiyephana na?’


“Ngasekupheleni kweminyaka eyisikhombisa niyokwenza uyekelelo.


Uyoyikhokhela imali yayo ngosuku lwayo, lingaze lishone ilanga ungakwenzile lokho, ngokuba impofu, futhi ikhathazekile ngayo, funa ikhale kuSimakade ngenxa yakho, lokho kube yisono kuwe.


UMose wawayala wathi: “Ekupheleni konyaka wesikhombisa, njalo ngesikhathi esinqunyiweyo sonyaka woyekelelo ngomkhosi wamadokodo,


Ngakho-ke lowo okwaziyo okuhle okumele akwenze, kodwa angakwenzi, wenza isono.


Nicabanga ukuthi kuyize yini lokhu okushiwo wumbhalo, othi: “Umoya awubeka kithi uwunxanela ngomhawu” na?


Bhekani, umholo wezisebenzi ezivuna emasimini enu, eniwugodlileyo uyakhala, nokukhala kwababevuna sekufinyelele ezindlebeni zeNkosi Yamabandla.


Bazalwane, ningakhonondi omunye ngomunye ukuze ningehlulelwa. Nango umehluleli umi ngasemnyango.


Yamukelanani yilowo nalowo, ningabi nakukhononda.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka