Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 13:10 - IsiZulu 2020

10 Niyakumkhanda ngamatshe aze afe, ngokuba uzame ukunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe, indlu yobugqila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

10 Uyakumkhanda ngamatshe ukuba afe, ngokuba uzamile ukukuhlubukisa uJehova uNkulunkulu wakho owakukhipha ezweni laseGibithe, indlu yobugqila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

10 Kumelwe nimkhande ngamatshe, afe; ngoba wazama ukukuxotsha kuJehova uNkulunkulu wakho owakukhupha elizweni leGibhithe, endlini yobugqili.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 13:10
15 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bonke abantu abahlala ezweni baya endlini kaBhali, bayibhidliza, ama-althare ayo nezithombe zayo bakuphahlaza kwaba yizicucu, babulala uMathani, umphristi kaBhali, phambi kwama-althare. Umphristi wabeka abalindi endlini kaSimakade.


Bamenzela ugobe, bamkhanda ngamatshe, beyalelwa yinkosi, egcekeni lendlu kaSimakade.


“NginguSimakade uNkulunkulu wakho owakukhipha eGibhithe, indlu yobugqila.


Wayesethi kuwo: “Usho kanje uSimakade uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Yilowo nalowo makagaxe inkemba enqulwini yakhe, adabule enkanjini, ehle enyuka kusukela kwelinye isango kuya kwelinye isango enkanjini, yilowo nalowo abulale umfowabo, umngani wakhe, nomakhelwane wakhe.’ ”


“Uyothi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Noma ngubani kubantu bakwa-Israyeli, noma ngumfokazi ogogobele kwa-Israyeli, oyonikela noma ngayiphi yenzalo yakhe kuMolekhi; uyobulawa, abantu balelo lizwe bamkhande ngamatshe.


“ ‘Owesilisa noma owesifazane ongenwe yidlozi, noma ngumoya wokubhula, uyobulawa nokubulawa, akhandwe ngamatshe, igazi lakhe libe phezu kwakhe.’ ”


UMose wakhuluma nabantu bakwa-Israyeli; bamkhiphela ngaphandle kwenkambu lowo othukileyo, bamkhanda ngamatshe. Abakwa-Israyeli benza njengalokhu uSimakade ayemyalile uMose.


Lowo mphrofethi noma lowo mphuphi wamaphupho uyobulawa, ngokuba ukhulume okunihlubukisa kuSimakade uNkulunkulu wenu owanikhipha eGibhithe. Ngokuba nahlengwa endlini yobugqila, ukuba ningaphambukiswa endleleni uSimakade uNkulunkulu wenu aniyala ukuba nihambe ngayo. Niyobususa lobo bubi phakathi kwenu.


lowo wesilisa noma wesifazane uyomkhiphela ngaphandle komuzi lokhu enzile into embi, umkhande ngamatshe, aze afe.


Yilabo ofakazi abayoqala ukumkhanda ngamatshe, bese kulandela abantu. Uyobukhipha kanjalo ububi phakathi kwakho.”


Onke amadoda omuzi wakubo ayoyikhanda ngamatshe ize ife, uyobususa kanjalo-ke ububi phakathi kwakho, wonke u-Israyeli uyozwa, esabe.”


hleze uphakamisele amehlo akho ezulwini, ubone ilanga, inyanga, izinkanyezi, nalo lonke ibandla lezulu, bese uyengeka, ukhuleke kukho, ukukhonze, lokho uSimakade uNkulunkulu wakho akwabele izizwe zonke eziphansi kwezulu.


UJoshuwa wathi: “Wenzeleni ukuba usilethele inhlupheko, na? USimakade uzakukulethela inhlekelele nawe namuhla.” Bonke abantu bakwa-Israyeli bamkhanda ngamatshe waze wafa, babashisa ngomlilo, babakhanda ngamatshe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka