Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 12:31 - IsiZulu 2020

31 Awuyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wakho, ngokuba zonke izinto uSimakade azenyanyayo zizenzile lezi zizwe, zenzela onkulunkulu bazo, zibashisele ngisho amadodana namadodakazi azo emlilweni.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 Awuyikwenze njalo kuJehova uNkulunkulu wakho, ngokuba zenzile konkulunkulu bazo konke okuyisinengiso kuJehova akuzondayo, lokhu ziwashisela ngomlilo onkulunkulu bazo amadodana azo namadodakazi azo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Aniyikwenza lokhu kuJehova uNkulunkulu wenu; ngokuba zonke izinengiso kuJehova azizondayo zenzile konkulunkulu bazo; ngoba ngisho namadodana abo namadodakazi abo babashisa ngomlilo konkulunkulu babo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 12:31
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha wahamba ngendlela yamakhosi akwa-Israyeli, waze wadabulisa nendodana yakhe emlilweni, njengezinengiso zabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


ama-Avi enza uNibhihazi noTharithaki, amaSefarivayimi ashisa abantwana bawo emlilweni ka-Adirameleki no-Anameleki, okwakungonkulunkulu baseSefarivayimi.


Wenza okubi emehlweni kaSimakade, njengezinengiso ezazenziwa ngabezizwe uSimakade abaxosha phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Inkosi yathatha izibulo layo okuyilona elalizobusa esikhundleni sayo, yanikela ngalo ukuba libe ngumnikelo wokushiswa phezu kogange. Leso senzo sabacunula kakhulu abakwa-Israyeli, basuka lapho babuyela ezweni lakubo.


Wenza okubi phambi kukaSimakade njengokwezinengiso zabezizwe, uSimakade ayebaxoshile phambi kwabantu bakwa-Israyeli.


Zonke izikhulu zabaphristi nabantu baphambuka kakhulu, benza okungalungile, balandela zonke izinengiso zabezizwe, bayingcolisa indlu kaSimakade ayeyingcwelise eJerusalema.


Amadodana namadodakazi abo bawahlabela amademoni.


Awuyukulilandela iningi ekwenzeni okungalungile noma lapho wethula ubufakazi ecaleni, awuyukuzihlanganisa neningi ukuze uhlanekezele umthetho.


Bakha izindawo eziphakemeyo zikaBhali esigodini sendodana kaHinomu, ukuba badabulise khona amadodana namadodakazi abo emlilweni kuMoloki, engangingazange ngibayale ngakho, nokungazange kungene emqondweni wami ukuthi bangenza lesi sinengiso ukuze bamonise uJuda.


Bakhe izindawo eziphakemeyo eThofethi, esesigodini sendodana kaHinomu, ukuba bawashisele khona amadodana namadodakazi abo, into engingabayalanga ukuba bayenze, nengingakaze ngiyicabange.


Lapho niletha iminikelo yenu, nidabulisa amadodana enu emlilweni, niyazingcolisa ngazo zonke izithombe kuze kube namuhla. Niyakubuza kimi yini, nina ndlu ka-Israyeli na? Qha, ngifunga ngiyagomela, ngeke ngibuzwe yini,” ’ ” kusho iNkosi uSimakade.


Ngiyakuyiqeda nya inkanuko yakho nobufebe bakho owabuqala kusukela eGibhithe. Awuyukukubheka lokho ngokukulangazelela, ungabe usalikhumbula futhi iGibhithe.’


“ ‘Awuyukunikela ngenzalo yakho ibe ngumhlatshelo kuMolekhi, ungahlambalazi igama likaNkulunkulu wakho; nginguSimakade.


Aniyukwenza njengokwemisebenzi yeGibhithe enanihlala kulo, futhi aniyukwenza njengokwemisebenzi yeKhanani enginiyisa kulo, aniyukuhamba ngemithetho yabo.


“Uyothi kubantu bakwa-Israyeli: ‘Noma ngubani kubantu bakwa-Israyeli, noma ngumfokazi ogogobele kwa-Israyeli, oyonikela noma ngayiphi yenzalo yakhe kuMolekhi; uyobulawa, abantu balelo lizwe bamkhande ngamatshe.


Ngabe uyakuthokoza yini uSimakade ngezinqama eziyinkulungwane, nangezinkulungwane ezilishumi zemifula yamafutha na? Ngiyakunikela ngezibulo lami yini ngenxa yesiphambeko sami, isithelo sesisu sami ngenxa yesono senhliziyo yami na?


emveni kokuba sezibhujisiwe, qaphela ukuba zingabi wugibe kuwe, ngokuba ubuze ngonkulunkulu bazo, uthi: ‘Lezi zizwe bezibakhonza kanjani onkulunkulu bazo, ukuze nami ngenze kanjalo na?’


“Nina aniyukwenza kanjalo kuSimakade uNkulunkulu wenu.


ukuze banganifundisi ukwenza zonke izinengiso zabo abazenzele onkulunkulu babo, bese nona kuSimakade uNkulunkulu wenu.


“Ungalokothi uzitshele enhliziyweni yakho, lapho uSimakade uNkulunkulu wakho esebaxoshile phambi kwakho, uthi: ‘Kwaba ngenxa yokulunga kwami ukuba uSimakade angingenise ukuze ngilidle leli lizwe,’ kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade azixoshile phambi kwakho.


Akubanga ngenxa yokulunga kwakho noma ubuqotho benhliziyo yakho ukuba ungene ulidle izwe lazo, kodwa kungenxa yobubi balezo zizwe uSimakade uNkulunkulu wakho azixoshile phambi kwakho, ukuze aqinise izwi uSimakade afunga ngalo kokhokho bakho, u-Abhrahama, u-Isaka noJakobe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka