Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 11:8 - IsiZulu 2020

8 “Ngalokho-ke niyoyigcina yonke imiyalo enginiyala ngayo namuhla ukuze nibe namandla, ningene, nilidle izwe eniwelela kulo ukuba nilidle,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 “Ngalokho niyakugcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, ningene nilidle izwe eniwela ukuya kulo ukulidla,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Ngakho anogcina yonke imiyalo engikuyala ngayo namuhla ukuba nibe namandla, nithathe izwe eningena kulo ukulidla;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 11:8
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngosuku engakhala ngalo, wangiphendula; waqinisa umoya wami, ngaba namandla.


Hlonipha uyihlo nonyoko ukuze izinsuku zakho zande ezweni, uSimakade uNkulunkulu wakho akunika lona.


kepha abamethembayo uSimakade bayakuthola amandla amasha, bayakukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali, bahambe bengapheli amandla.


Wathi: “Ungesabi, muntu othandekayo; ukuthula makube kuwe; qina, yebo, mawuqine.” Lapho ekhuluma kimi, ngaqiniswa, ngathi: “Mayikhulume inkosi yami, ngokuba ungiqinisile.”


ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuba niqiniswe emandleni kumuntu wangaphakathi ngoMoya wakhe.


Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu.


Ngokuba amehlo enu ayibonile yonke imisebenzi kaSimakade emikhulu ayenzileyo.


ngokuba awumkhonzanga uSimakade uNkulunkulu wakho ngokujabula nangokwenama kwenhliziyo, ngenxa yobuningi bezinto.


Wamgunyaza uJoshuwa, indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba nguwe ozongenisa abantu bakwa-Israyeli ezweni engafunga ngalo kubo; Mina ngizokuba nawe.”


USimakade wangiyala ngaleso sikhathi ukuba nginifundise izimiso nezehlulelo ukuze nizigcine ezweni enizongena kulo ukulidla.


Ngingakwenza konke ngaye ongiqinisayo.


niqiniswe ngokuqiniswa konke ngokwamandla enkazimulo yakhe, ukuze nikwazi ukuqinisela kukho konke, nibekezela ngokujabula,


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka