Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 11:15 - IsiZulu 2020

15 Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyodla, waneliswe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 Ngiyakunika izinkomo zakho utshani emadlelweni akho; uyakudla, usuthe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Ngiyakuthumelela izinkomo zakho utshani edlelweni lakho, udle, usuthe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 11:15
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

U-Ahabi wathi ku-Obhadiya: “Hamba ezweni, uye emithonjaneni yonke yamanzi nasemifudlaneni yonke; mhlawumbe singabufumana utshani, sisindise amahhashi neminyuzi, izilwane zingabhubhi.”


Uhlumisela izinkomo utshani nemifino yokusiza umuntu, ukuze athole ukudla okuvela emhlabeni,


Yebo, nendluzelakazi izalele endle, yalishiya lapho izinyane, ngokuba abukho utshani.


Maye, sekububula nemfuyo! Imihlambi yezinkomo yehla yenyuka ikhungathekile, ngokuba ayinamadlelo, nemihlambi yezimvu ithwele kanzima.


USimakade waphendula wathi kubantu bakhe: “Bhekani-ke, ngiyakunithumelela okusanhlamvu, iwayini elisha namafutha amasha, niyakusutha ngakho, ngingabe ngisanenza inhlekisa ezizweni.


Zilwane zasendle, ningesabi, ngokuba amadlelo ehlane aluhlaza, impela nezihlahla zithela izithelo, umkhiwane nomvini kuthele kakhulu.


Impela niyakudla nisuthe, nilidumise igama likaSimakade uNkulunkulu wenu onenzele okumangalisayo; abantu bami abayukujabha ingunaphakade.


Niyobhula kuze kube yisikhathi sokuvuna imivini, nivune imivini kuze kube yisikhathi sokulima; niyakudla isinkwa senu, nisuthe, futhi niyohlala ezweni lakini nivikelekile.


Nitshale okuningi, kodwa navuna okuncane; niyadla kepha anisuthi; niyaphuza, kodwa ananeliswa; niyembatha, kepha anifudumali, othola umholo uwufaka esikhwamemi esibhobokile.’


izindlu ezigcwele zonke izinto ezinhle ongazigcwalisanga, imithombo embiweyo ongayimbanga, izivini neminqumo ongakutshalanga, uyodla futhi usuthe,


“Uyakudla usuthe, umbonge uSimakade uNkulunkulu wakho ngezwe elihle akunike lona.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka