Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDuteronomi 10:4 - IsiZulu 2020

4 Waloba ezibhebheni njengalokhu kwakulotshiwe kuqala, imiyalelo elishumi uSimakade ayikhuluma kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uSimakade wanginika zona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

4 Waloba ezibhebheni njengokulotshwa kokuqala imiyalelo eyishumi uJehova ayikhulumayo kini entabeni, ephakathi komlilo ngosuku lokuhlangana; uJehova wanginika zona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

4 Waloba ezibhebheni njengombhalo wokuqala imiyalo eyishumi uJehova ayikhuluma kini ngosuku lokuhlangana entabeni phakathi komlilo; iNkosi yanginika yona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDuteronomi 10:4
10 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

USimakade eseqedile ukukhuluma noMose entabeni iSinayi, wamnika izibhebhe ezimbili zesivumelwano, izibhebhe zamatshe, zibhalwe ngomunwe kaNkulunkulu.


USimakade wathi kuMose: “Zibazele izibhebhe ezimbili zamatshe zifane nezokuqala. Ngizobhala kuzo amazwi ayesezibhebheni zokuqala owazephulayo.


Wahlala lapho noSimakade izinsuku ezingama-40, nobusuku obungama-40, akadlanga lutho, futhi akaphuzanga manzi. Wabhala ezibhebheni amazwi esivumelwano, imiyalelo elishumi.


njengakho konke owakucela kuSimakade uNkulunkulu wakho eHorebhe ngosuku lomhlangano, wathi: ‘Mangingabe ngisalizwa izwi likaSimakade uNkulunkulu wami, nalo mlilo omkhulu kangaka mangingabe ngisawubona, funa ngife.’


USimakade wanginika izibhebhe ezimbili zamatshe, zilotshwe ngomunwe kaNkulunkulu. Kwakulotshwe kuzo wonke amazwi uSimakade ayewakhulume kini entabeni, ephakathi komlilo, ngosuku lokuhlangana.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka