Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 9:15 - IsiZulu 2020

15 “Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho eGibhithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

15 “Manje, Nkosi, Nkulunkulu wethu, wena owakhipha abantu bakho ezweni laseGibithe ngesandla esinamandla, wazenzela igama njenganamuhla, sonile, senzile okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

15 Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, owakhipha abantu bakho ezweni laseGibhithe ngesandla esinamandla futhi wazenzela igama njenganamuhla; sonile, senzile okubi.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 9:15
30 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

ngokuba bangabantu bakho nefa lakho owalikhipha eGibhithe nasesithandweni somlilo wensimbi.


ngokuba yenze okubi emehlweni ami, iluchukuluzile ulaka lwami kusukela ngosuku okhokho bayo abaphuma ngalo eGibhithe, kuze kube namuhla.’ ”


bese becabanga belapho ezweni abathunjelwe kulo, baphenduke, banxuse kuwe besezweni lokuthunjwa kwabo, bathi: ‘Sonile, senze okuphambeneyo, saziphatha kabi.’


“Bayizinceku zakho nabantu bakho owabophula ngamandla akho amakhulu nangesandla sakho esinamandla.


Beka indlebe yakho, ubheke ngamehlo akho, uzwe umkhuleko wenceku yakho ewukhuleka kuwe namuhla, imini nobusuku, ikhulekela izinceku zakho, abantu bakwa-Israyeli, ivuma izono zabakwa-Israyeli, esone ngazo kuwe. Mina nomndeni wami sonile.


Wenza izibonakaliso nezimangaliso ezinkulu phambi kukaFaro nezinceku zakhe, nabo bonke abantu baseGibhithe, ngoba wawazi ukuthi babaphathe ngonya olunjani abantu bakho. Wazakhela igama elisamile kuze kube namuhla.


Nokho wabasindisa ngenxa yegama lakhe, ukuze abonakalise amandla akhe.


Kuyakuthi ngomuso lapho indodana yakho ikubuza, ithi: ‘Kuyini lokhu na?’ uyothi: ‘USimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe, indlu yobugqila.


Lokhu kuyakuba wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuthi uSimakade wasikhipha ngesandla esinamandla eGibhithe.”


UMose wathi kubantu: “Lukhumbuleni lolu lusuku enaphuma ngalo eGibhithe endlini yobugqila, ngokuba uSimakade wanikhipha lapho ngesandla sakhe esinamandla; makungadliwa sinkwa esinemvubelo ngalo.


“Kuyakuba kuwe wuphawu esandleni sakho, nesikhumbuzo esiphongweni sakho, ukuze umthetho kaSimakade uhlale ezindebeni zomlomo wakho , ngokuba ngesandla esinamandla uSimakade wakukhipha eGibhithe.


AbaseGibhithe bayakukwazi ukuthi nginguSimakade lapho sengizitholele udumo ngoFaro, nezinqola zakhe zempi, nangabagibele amahhashi.”


UMose washweleza kuSimakade uNkulunkulu wakhe, wathi: “Simakade, ulaka lwakho lubavuthelelani abantu bakho owabakhipha eGibhithe ngamandla amakhulu, nangesandla esiqinileyo na?


USimakade wathi kuMose: “Manje uzokubona engizokwenza kuFaro. Uzobadedela bahambe, ngenxa yesandla esinamandla; ngesandla esinamandla uzobaxosha ezweni lakhe.”


Ngakho-ke yisho kubantu bakwa-Israyeli, uthi: ‘NginguSimakade, ngiyakunikhulula emithwalweni yabaseGibhithe, nginikhulule ekugqilazweni yibo, nginihlenge ngengalo eyeluliweyo nangezenzo ezinkulu zokwehlulela.


Kodwa ngenxa yalokhu, ngikugcinile waphila ukuze ngikukhombise amandla ami, nokwenza igama lami laziwe emhlabeni wonke.


Esikhundleni sogagane, kuyomila umsayiphuresi; nasesikhundleni samakhakhasi, kumile umbomvana. Kuyokuba yisikhumbuzo kuSimakade, nesibonakaliso saphakade esingeyukuphela, esingasayukunqunywa.”


Kusukela emandulo akekho owezwayo, akukho ndlebe eyalalela, akukho liso elabona omunye uNkulunkulu ngaphandle kwakho, obasebenzelayo labo abamlindelayo.


Simakade, siyabazi ububi bethu nokona kokhokho bethu, ngokuba sonile kuwe.


Ngaloba incwadi, ngayisicilela, ngenza ukuba kube nofakazi, ngamkalela isiliva ngesilinganiso.


“Sonile, sakuhlubuka, Wena Nkosi awuzithalaliselanga izono zethu.


Lihlubukile ezehlulelweni zami nasezimisweni zami, lakhohlakala ukwedlula izizwe namazwe alizungezileyo, ngokuba balahlile izimiso zami, abaze bahamba ngazo.’


sonile, siziphathe kabi, senzile okubi, sihlubukile, sachezuka emiyalweni yakho nasezahlulelweni zakho;


“Indodana yayisithi kuye: ‘Baba, ngonile kulo izulu nakuwe; angisafanele ukubizwa ngendodana yakho.’


“Kepha umthelisi wema kude engafuni ngisho nokuphakamisela amehlo akhe ngasezulwini, kodwa wazithoba ezisola, ethi: ‘Nkulunkulu, ngihawukele mina soni.’


Nguye owasihlenga ekufeni okungaka, futhi oyakusiphephisa; sethembele kuye ukuthi uyakusihlenga.


Khumbula ukuthi nawe wawuyisigqila eGibhithe, nokuthi uSimakade uNkulunkulu wakho wakukhipha khona ngesandla esinamandla nangengalo eyeluliweyo; yingakho-ke uSimakade uNkulunkulu wakho wakuyala ukuba ugcine usuku lwesabatha.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka