Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 8:8 - IsiZulu 2020

8 Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwephuka; esikhundleni salo kwamila ezine ezigqamileyo ngasemimoyeni yomine yezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Impongo yayisizikhulisa kakhulu; kwathi lapho isinamandla, uphondo olukhulu lwaphuka; esikhundleni salo kwamila ezine ziqhamela ngasemimoyeni yomine yezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Impongo yakhula kakhulu, kwathi lapho isinamandla, lwaphuka uphondo olukhulu; kwasekuvela ezine ezimangalisayo ngemva kwemimoya emine yezulu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 8:8
19 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha lapho esenamandla, inhliziyo yakhe yaqala ukuzikhukhumeza, waze waziphatha kabi, akethembeka kuSimakade uNkulunkulu, wangena ethempelini likaSimakade washisa impepho e-althare lempepho.


UMoridekhayi waba ngumuntu omkhulu esigodlweni, nodumo lwakhe lwanda kuzo zonke izifundazwe, waqhubeka njalo waba ngumuntu onamandla.


Ngiyakwehlisela phezu kwe-Elamu imimoya emine evela emkhawulweni yomine yezulu, ngibahlakazele kuyo yonke leyo mimoya, akuyukuba bikho sizwe lapho abaxoshiweyo base-Elamu bengayikufika khona.


Njengendlwana yezinyoni igcwele izinyoni, kanjalo izindlu zabo zigcwele inkohliso; bakhulu, banothile.


Wande njengehlumela lasendle. Ngakwenza wakhula, waba muhle kakhulu; wahlosa amabele, wamila izinwele, kodwa wawunqunu, uhamba ze.


Ngabe usasho yini kokubulalayo, uthi: “ ‘ “ ‘Mina ngingunkulunkulu na?’ “ ‘ “Ingani wena ungumuntu nje, awusiye unkulunkulu, ezandleni zokugwazayo.


Iyakuthi ingavela nje, umbuso wayo ufohlozwe, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba:


Kwathi nje izwi lisesemlonyeni wenkosi, kwase kwehla ezulwini izwi, lithi: “We nkosi Nebukhadinezari, kukhulunyiwe kuwe kwathiwa: umbuso usukile kuwe;


Kepha lapho ezikhukhumeza enhliziyweni yakhe, nomoya wakhe uba lukhuni esezidla, wehliswa esihlalweni sakhe sobukhosi, balususa udumo lwakhe kuye;


UDaniyeli wathatha wathi: “Ngabona embonweni wami ebusuku; bheka, imimoya yomine yezulu yavumbuluka olwandle olukhulu.


“Emveni kwalokho ngabona; bheka, esinye sasinjengengwe, sinamaphiko enyoni amane emhlane. Lesi silo sasinamakhanda amane, sanikwa ukubusa.


Kepha esikhundleni salolo olwephukileyo kwavela ezine, kuyakuvela imibuso emine esizweni salo, kodwa ingenamandla alo.


Ngisacabanga, bheka, kwavela impongo ngasentshonalanga ebusweni bawo wonke umhlaba, kodwa ayiwuthintanga umhlaba; impongo yayinophondo olugqamileyo phakathi kwamehlo ayo.


Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yaba nolaka olukhulu, yayishaya inqama, yazephula izimpondo zayo ezimbili. Inqama ayibanga namandla okuma phambi kwempongo, kodwa yayiqumba phansi, yayinyathela, akwaze kwaba bikho ongayihlenga esandleni sayo.


Iyakuthuma izingelosi zayo ngokukhala kwecilongo okukhulu, ziqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni wezulu kuze kube komunye.


Kulapho-ke iyakuthumela izingelosi, iqoqe abakhethiweyo bayo emagumbini omane omhlaba, kusukela emkhawulweni womhlaba kuze kube semkhawulweni wezulu.


Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engafunga kokhokho babo, izwe elichichima ubisi noju, bayodla, basuthe, bakhuluphale, bese bephendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangedelele, basephule isivumelwano sami.


Emveni kwalokho, ngabona izingelosi ezine zimi emagumbini omane omhlaba, zibambe imimoya emine yomhlaba, ukuze kungavunguzi moya emhlabeni, olwandle, nakwesisodwa sezihlahla.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka