Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 8:27 - IsiZulu 2020

27 Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

27 Mina Daniyeli ngase ngiphela amandla, ngagula izinsuku ezithile; ngavuka, ngenza umsebenzi wenkosi; ngamangala ngombono, kwakungekho owuqondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

27 Futhi mina, Daniyeli, ngahluleka, ngagula izinsuku ezithile; emva kwalokho ngasukuma ngenza umsebenzi wenkosi; futhi ngamangala ngalowo mbono, kodwa akekho owawuqondayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 8:27
12 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Bheka, onesimo samadodana abantu wathinta izindebe zami; ngase ngiwuvula umlomo wami, ngakhuluma, ngathi kowayemi phambi kwami: “Nkosi yami, ngenxa yombono imihelo ingehlele, angisenamandla.


Ngasala ngedwa; ngawubona lo mbono omkhulu, ngaphelelwa ngamandla, ngokuba ubuhle bami baphenduka ukonakala kimi, angaba namandla.


Khona lapho uDaniyeli, ogama lakhe nguBhelitheshazari, wamangala isikhashana, imicabango yakhe yamesabisa. Inkosi yathi: “Bhelitheshazari, iphupho nencazelo makungakwesabisi.” UBhelitheshazari waphendula, wathi: “Nkosi, iphupho malibe ngelabakuzondayo, nencazelo yalo ibe ngeyezitha zakho.


Ngizwile ngawe ukuthi umoya wonkulunkulu ukuwe nokuthi kufunyenwe kuwe ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okwedluleleyo.


“Nasi-ke isiphetho sendaba. Mina Daniyeli, imicabango yami yangikhathaza kakhulu, ubuso bami baphaphatheka, kodwa ngayigcina leyo ndaba enhliziyweni yami.”


Wayesesondela lapho ngangimi khona; lapho esefika, ngashaywa luvalo, ngawa ngobuso bami, kepha wathi kimi: “Qonda, ndodana yomuntu, ngokuba umbono ungowesikhathi sokuphela.”


Ngabona embonweni, lapho ngibheka ngangiseShushani esigodlweni senkosi esifundeni sase-Elamu; embonweni ngabona ngangingasemselenikazi i-Ulayi.


Ngayibona isondela kakhulu enqameni, yaba nolaka olukhulu, yayishaya inqama, yazephula izimpondo zayo ezimbili. Inqama ayibanga namandla okuma phambi kwempongo, kodwa yayiqumba phansi, yayinyathela, akwaze kwaba bikho ongayihlenga esandleni sayo.


Ngezwa, qede kwathuthumela izibilini zami, izindebe zomlomo wami zaqhaqhazela ngomsindo; ukuvendlezela kwangena emathanjeni ami, ngathuthumela lapho ngimi khona, ngizothula ngilinde kuze kufike usuku lwenhlupheko kubantu abasihlaselayo.


USamuweli walala kwaze kwasa, wavula iminyango yendlu kaSimakade. USamuweli wesaba ukumtshela u-Eli umbono.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka