UDaniyeli 5:2 - IsiZulu 20202 Kwathi uBhelishazari esalinambitha iwayini wayeseyaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, lezo uNebukhadinezari, uyise, ayezithathe ethempelini eJerusalema, ukuba inkosi, izikhulu zayo, omkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo. Uka jalj uñjjattʼätaIBHAYIBHELI ELINGCWELE2 UBelishasari esalinambitha iwayini wayaleza ukuba kulethwe izitsha zegolide nezesiliva, uNebukadinesari uyise ayezikhiphe ethempelini laseJerusalema, ukuba inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze ngazo. Uka jalj uñjjattʼätaContemporary Zulu Bible 20242 UBelishasari, enambitha iwayini, wathi kulethwe izitsha zegolide nezesiliva uyise uNebukadinesari azithatha ethempelini laseJerusalema; ukuze inkosi nezikhulu zayo, nawomkayo, nezancinza zayo baphuze kulo. Uka jalj uñjjattʼäta |
Kukhona embusweni wakho umuntu okukuye umoya wonkulunkulu abangcwele; okwathi ngezinsuku zikayihlo kwafunyanwa kuye ukukhanya, ukuqonda, nokuhlakanipha okufana nokuhlakanipha kwawonkulunkulu. Inkosi uNebukhadinezari, uyihlo, yambeka waba yinduna yezanusi, eyabathwebulayo, eyamaKhaledi, neyabahlola imihlola, yebo, nkosi, uyihlo,
kepha uziphakamisile wamelana neNkosi yasezulwini. Balethe kuwe izitsha zendlu yakhe; wena, nezinduna zakho, nomkakho, nezancinza zakho naphuza iwayini ngazo. Wena ubadumisile onkulunkulu besiliva, abegolide, abethusi, abensimbi, abomuthi, nabetshe, abangaboni, abangezwa, abangazi, kodwa awumdumisanga uNkulunkulu omphefumulo wakho usesandleni sakhe, nokungezakhe zonke izindlela zakho.