Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 2:21 - IsiZulu 2020

21 uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

21 uyaguqula izikhathi nezinkathi; uyasusa amakhosi, abeke amakhosi; unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha, nokwazi kwabaqonda ukwazi;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

21 Uyaguqula izikhathi nezikhathi; ususa amakhosi, abeke amakhosi; Unika abahlakaniphileyo ukuhlakanipha nolwazi kwabakwaziyo ukuqonda.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 2:21
40 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wonke umhlaba wawufuna ukumbona uSolomoni ukuze uzwe ngokuhlakanipha kwakhe, uNkulunkulu akubeke enhliziyweni yakhe.


U-Israyeli wonke wezwa ngaleso sehlulelo esasenziwe yinkosi, wayesaba inkosi ngokuba wabona ukuthi ukuhlakanipha kukaNkulunkulu kwakunayo ekwehluleleni kwayo.


UNkulunkulu wamnika uSolomoni ukuhlakanipha nokuqonda okukhulu kakhulu, nengqondo esabalele okwesihlabathi esisogwini lolwandle.


Kuphela nje, sengathi uSimakade angakupha ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaSimakade uNkulunkulu wakho.


Zonke izindaba ngokubusa kwakhe, amandla akhe, izehlo ezamehlelayo, yena no-Israyeli, nayo yonke imibuso namazwe.


Kwakuwumkhuba wenkosi ukubuza maqondana nezinto eziphathelene nomthetho nokwehlulela, kubeluleki,


Uthukulula izintambo zamakhosi, awabophe ngebhande ezinkalweni zawo.


futhi ngimgcwalise ngoMoya kaNkulunkulu, ngamandla okwazi, ngokuhlakanipha nangokwazi lonke uhlobo lomsebenzi wezandla,


Ngaphezu kwalokho, ngimkhethile yena no-Oholiyabe, indodana ka-Ahisamakhi wesizwe sakwaDani, futhi ngibanike ubuchwepheshe bonke abanamakhono, ukuze benze konke engikuyale ukuba ukwenze:


Laba bafana abane uNkulunkulu wabanika ukwazi nokuqonda encwadini nasekuhlakanipheni; uDaniyeli wayenengqondo kuyo yonke imibono namaphupho.


Ngonyaka wesithathu kaKhoresi, inkosi yasePheresiya, uDaniyeli ogama lakhe labizwa ngokuthi uBhelitheshazari wambulelwa izwi; izwi laliqinisile, lalingukulwa okukhulu; waliqonda izwi, waqonda nombono.


Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana, kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano, kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo, kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.


UDaniyeli wathatha, wathi: “Malibongwe igama likaNkulunkulu, kusukela kwaphakade kuze kube phakade, ngokuba ukuhlakanipha namandla kungokwakhe;


Ngiyakubonga, ngikudumise Wena Nkulunkulu wawobaba, ongiphile ukuhlakanipha namandla, wangazisa esasikucela kuwe, ngokuba usazisile indaba yenkosi.”


lokuthi uma ningangazisi iphupho, umthetho munye nje ngani, ngokuba nilungisile amazwi amanga nawonakeleyo okukhuluma phambi kwami, kuze kuguquke isikhathi: ngalokho ngitsheleni iphupho, ukuze ngazi ukuthi ningangibonisa incazelo yalo.”


Wamemeza kakhulu, esho kanje, ethi: ‘Gawula isihlahla, unqume amagatsha aso, uvuthulule amaqabunga aso, uhlakaze izithelo zaso. Izilwane mazisuke phansi kwaso, nezinyoni emagatsheni aso.


“ ‘Kunqunyiwe ngesimemezelo sabalindi nangesiyalezo sezwi labangcwele ukuba abaphilayo bazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo, abeke phezu kwayo ozithobayo kubantu.’


nguwe nkosi okhulile waqina, ngokuba ubukhulu bakho bukhulile, bufinyelele ezulwini, nokubusa kwakho kuze kube sekugcineni komhlaba.


uyakuxoshwa kubantu, uhlale nezilwane zasendle, udliswe utshani njengezinkabi, kudlule phezu kwakho izikhathi eziyisikhombisa, uze wazi ukuthi oPhezukonke ubusa imibuso yabantu, ayinike amthandayo.”


Iyakukhuluma amazwi amelene noPhezukonke, ibakhathaze abangcwele bakhe; icabange ukuguqula izikhathi ezimisiweyo nomthetho. Bayakunikelwa esandleni sayo kuze kube yisikhathi, nezikhathi, nengxenye yesikhathi.


ngokuba Mina ngiyakunifunza amazwi nokuhlakanipha abangayukwazi ukumelana nakho noma baphikisane nakho bonke labo abalwa nani.


Akube yilowo nalowo azithobe phansi kwamandla ombuso. Ngokuba akukho mandla ombuso angaveli kuNkulunkulu. Lawa akhona amiswe nguNkulunkulu.


Kepha ngoNkulunkulu, nikuJesu Khristu owenzelwe thina, waba ngukuhlakanipha kwethu okuvela kuNkulunkulu nokulunga, nokungcweliswa kanye nokuhlengwa,


Izipho zonke ezinhle neziphiwo zonke ezipheleleyo zivela phezulu, zehla ziphuma kuYise wokukhanya, okungekho kuye ukuguquka nasithunzi sokuphenduka.


Kepha uma kukhona omunye phakathi kwenu oswele ukuhlakanipha, makacele kuNkulunkulu obapha bonke ngokungagodli futhi engabalisi; uyakuphiwa lokho.


Engutsheni yakhe nasethangeni lakhe kulotshwe igama elithi: INKOSI YAMAKHOSI NOMBUSI WABABUSI.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka