Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




UDaniyeli 11:31 - IsiZulu 2020

31 “Izimpi ziyakuvela kuyo, zingcolise indlu engcwele, zibhidlize inqaba, zisuse umnikelo waphakade oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esisabisayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

31 “Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

31 Futhi izikhali ziyokuma eceleni kwakhe, futhi ziyongcolisa indlu engcwele yamandla, futhi zisuse umhlatshelo wezinsuku zonke, futhi ziyomisa isinengiso esenza incithakalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




UDaniyeli 11:31
18 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngokuba bangihlubukile, baphatha le ndawo njengeyabezizwe, bashisela abanye onkulunkulu impepho kuyo, ababengabazi, bona nokhokho babo, namakhosi akwaJuda, bagcwalisa le ndawo ngegazi labangenacala.


“ ‘Abantu bakwaJuda benzile okubi phambi kwami,’ kusho uSimakade. ‘Babeke izinto zabo ezinengisayo endlini ebizwa ngeGama lami ukuba bayingcolise.


Isitha selulele isandla saso phezu kwakho konke okuthandekayo kwalo. Impela libabonile abezizwe bengena endaweni yalo engcwele; labo owayala ukuba bangangeni ebandleni lakho.


INkosi yalilahla i-althare layo, yashiya indawo yayo engcwele; izindonga zezigodlo zamakhosi ayo yazinikela esitheni. Sabanga umsindo omkhulu endlini kaSimakade kwangathi kungosuku lomkhosi.


Wathi kuwo: “Ngcolisani indlu, nigcwalise amagceke ngababuleweyo. Phumani!” Ayesephuma-ke ayobulala emzini.


“Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esibhubhisayo kuyakuba yizinsuku eziyi-1 290.


Iyakuba namandla amakhulu, kungengamandla ayo uqobo; iyakubhubhisa ngokumangalisayo, iyakuphumelela, iyakwenza, iyakuchitha abanamandla nabantu abangcwele.


“Imibono yakusihlwa neyasekuseni esilandiwe iqinisile, kepha gcina wena umbono, ngokuba ungowezinsuku eziningi.”


Uyakuqinisa isivumelwano nabaningi isonto libe linye, imihlatshelo neminikelo ikhawuke phakathi kwesonto, kufike incithakalo ngephiko lesinengiso, kuze kuphele okunqunyiweyo, kuthululelwe phezu kombhubhisi.”


Ngokuba abantu bakwa-Israyeli bayakuhlala izinsuku eziningi bengenankosi, benganasikhulu, bengenamhlatshelo, bengenansika, bengenangubo yamahlombe namatherafi.


“Ngakho-ke uma nibona amanyala anyantisayo, akhuluma ngawo uDaniyeli umphrofethi emi endaweni engcwele – ofundayo makaqaphele ukuthi kusho ukuthini.


“Kepha uma nibona amanyala echithakele lapho kungafanele khona – ofundayo makaqaphele. AbaseJudiya mababalekele ezintabeni,


“Kuyakuthi nxa nibona iJerusalema lihaqwe yizimpi, bese nazi-ke ukuthi sekusondele ukubhujiswa kwalo.


“Izimpondo ezilishumi owazibonayo zingamakhosi alishumi angakawemukeli umbuso, kodwa asewamukelisiwe amandla obukhosi isikhathi esiyihora elilodwa kanye nesilo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka