Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 9:18 - IsiZulu 2020

18 Njalo lapho uyibamba, uyiqumba phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, futhi yome ibe luqhotho. Ngikhulumile nabafundi bakho ukuba bawukhiphe, kodwa behluleka.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

18 Kuthi lapho eyibambayo, uyidonsela phansi, ikhihlize amagwebu, igedle amazinyo, iphele amandla. Ngikhulume nabafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

18 Nomaphi lapho embamba khona, uyamdwengula, akhihlize amagwebu, agedle amazinyo, ashwaqeke; ngikhulume nabafundi bakho ukuba bawukhiphe; kepha abakwazanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

18 Nomaphi lapho embamba khona, uyamdwengula, akhihlize amagwebu, agedle amazinyo, ashwaqeke; ngikhulume nabafundi bakho ukuba bawukhiphe; kepha abakwazanga.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 9:18
16 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ulaka lwakhe luyadwengula, luyangisibekela, ungiququdela amazinyo, isitha sami singihlahlela amehlo.


Isikhohlakali siyokubona lokho, sicasuke, siququde imihlathi, sidangale; isifiso sababi siyobhuntsha.


Kwase kufika owesifazane waseKhanani evela emingceleni yakhona, wakhala wathi: “Ngihawukele, Nkosi, Ndodana kaDavide! Indodakazi yami ihlaselwe kabi yidimoni.”


Ngiyilethe kubafundi bakho, kodwa bahluleka ukuyiphulukisa.”


Kepha abantwana bombuso bayakukhishelwa ngaphandle ebumnyameni obungayiwa; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”


“Ngiqinisile ngithi kini: yilowo nalowo oyakuthi kule ntaba: ‘Zimbuka uphonseke olwandle,’ engangabazi enhliziyweni yakhe, kodwa ekholwa ukuthi lokho akushoyo kuzokwenzeka, uyakukwenzelwa lokho.


Omunye wesixuku wamphendula, wathi: “Mfundisi, ngilethe kuwe indodana yami enomoya wobumungulu.


UJesu waphendula, wathi: “Maye, sizukulwane esingenakukholwa, kuyoze kube nini nginibekezelela na? Yiletheni kimi.”


Base beyiletha kuye. Kwathi umoya ungambona, wayihlukumeza kakhulu ngokushesha, yafumbeka phansi emhlabathini, yazigingqa ikhihliza amagwebu.


Umoya wamemeza, wamhlukumeza kakhulu, waphuma kuye; umntwana waba njengofileyo, baze bathi abaningi: “Usefile.”


Bekuzwa lokho, bahlabeka ezinhliziyweni, bamgedlela amazinyo.


Bakhefuza amahlazo abo njengamaza adlangalalayo, bayantunta njengezinkanyezi ezigcinelwe ubumnyama baphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka