Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 5:23 - IsiZulu 2020

23 wamncenga kakhulu, ethi: “Indodakazi yami isiyalayela, ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isinde, iphile.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

23 wamncenga kakhulu, wathi: “Indodakazi yami isiyalela; ake uze, ubeke izandla phezu kwayo ukuba isindiswe, iphile.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

23 Wamncenga kakhulu, esithi: “Indodakazi yami encane isigulela ukufa; njalo uzaphila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

23 Wamncenga kakhulu, esithi: “Indodakazi yami encane isigulela ukufa; njalo uzaphila.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 5:23
26 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kepha uNahamani wathukuthela, wahamba, wathi: “Mina bengithi impela uzophuma eze kimi, ame abize igama likaSimakade, uNkulunkulu wakhe, aphunge ngesandla sakhe phezu kwaleyo ndawo, aphulukise onochoko.


Base bekhala kuSimakade ekuhluphekeni kwabo, wayesebakhulula ezinsizini zabo.


ngibize ngosuku lwenhlupheko, ngiyakukukhulula, wena uyakungidumisa.”


UJesu welula isandla sakhe, wamthinta, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka ngokushesha ochokweni lwakhe.


Bayakubamba izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akuyukuba nangozi kubo, bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”


UJesu wahamba naye. Isixuku esikhulu samlandela, samminyanisa.


Bakhipha amadimoni amaningi, bagcoba abaningi abagulayo ngamafutha, babaphulukisa.


Baletha kuye isithulu esinamalimi, bamncenga ukuba abeke isandla sakhe phezu kwaso.


UJesu wayibamba ngesandla impumputhe wayiholela ngaphandle komuzi, waphimisela amathe emehlweni ayo, wabeka izandla zakhe phezu kwayo, wayibuza, wathi: “Kukhona yini okubonayo na?”


Wabeka izandla phezu kwakhe, wayeselulama khona manjalo, wamdumisa uNkulunkulu.


Waphuma esinagogeni, wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane onzima; bamnxusa uJesu ukuba amsize.


Kwathi selishona ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nababekhwelwe yizifo ezehlukene; wabeka izandla phezu kwabo ngamunye, wabaphilisa.


Esesondele ngasesangweni lomuzi, wathola kukhona ofileyo owayethwelwe eyongcwatshwa, indodana eyodwa vo kunina, owayengumfelokazi. Kwakunesixuku esikhulu sabantu balowo muzi ababemphelekezela.


Ngakho-ke odadewabo bathumela kuJesu, bathi: “Nkosi, bheka, umngani wakho omkhonzile uyagula.”


Kepha uyise kaPhubhiliyu wayenomkhuhlane, elele phansi. UPawula wangena lapho elele khona, wathandaza, wabeka izandla phezu kwakhe, wamphilisa.


Babamisa phambi kwabaphostoli; bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo.


Ngakho-ke babeka izandla phezu kwabo, base bemukela uMoya oNgcwele.


ubonile embonweni indoda, egama layo ngu-Ananiya, ingena, ibeka izandla phezu kwakhe ukuba abone.”


U-Ananiya wahamba, wangena endlini, wabeka izandla phezu kukaSawula, wathi: “Sawula, mzalwane, iNkosi uJesu ebonakale kuwe endleleni obuza ngayo, ingithumile ukuba ubuye ubone, ugcwaliswe ngoMoya oNgcwele.”


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka