Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 4:26 - IsiZulu 2020

26 Wayesethi: “Umbuso kaNkulunkulu unje: ufana nomhlwanyeli ophonsa imbewu emhlabathini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

26 Wayesethi: “Unjalo umbuso kaNkulunkulu; unjengokuba umuntu ephonsa imbewu emhlabathini,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

26 Wathi: “Umbuso kaNkulunkulu unjengoba umuntu ephonsa inhlanyelo emhlabathini;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

26 Wathi: “Umbuso kaNkulunkulu unjengoba umuntu ephonsa inhlanyelo emhlabathini;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 4:26
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Isikhohlakali sizuza ngokukhohlisa, kepha ohlwanyela ukulunga unomvuzo weqiniso.


Onaka umoya akasoze atshala; nalowo onaka amafu akasoze avuna.


Hlwanyela imbewu yakho ekuseni, ungasiphumuzi isandla sakho kuze kuhlwe, ngokuba kawazi ukuthi yiyiphi ezomila; yilena noma yileya, noma zombili zizoba zinhle ngokufanayo.


Nibusisiwe nina enitshala ngasemifuleni yonke, enivumela izinkabi nezimbongolo zihambe ngokukhululeka.


UJesu waphendula, wathi kubo: “Yingokuba nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu, kodwa bona kabakuphiwanga lokho.


Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe;


Wakhuluma kubo okuningi ngemizekeliso, wathi: “Kwake kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela.


Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nohlamvu lwesinaphi aluthatha umuntu waluhlwanyela ensimini yakhe;


Wabuye wabatshela omunye umzekeliso, wathi: “Umbuso wezulu ufana nomuntu wesifazane, owathatha imvubelo wayifaka emicengezini emithathu yempuphu, kwaze kwabila konke.”


ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele!


Kusukela ngaleso sikhathi, uJesu waqala ukushumayela, ethi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”


Ngokuba onakho uyakuphiwa, kodwa ongenakho uyakwemukwa ngisho nalokho anakho.”


alale, avuke ubusuku nemini; imile imbewu, ikhule, kodwa engazi ukuthi lokho kwenzeka kanjani.


Ngakho-ke uJesu wathi: “Umbuso kaNkulunkulu ufana nani na? Ungafaniswa nani na?


“Nakhu-ke okuqondwe yilo mzekeliso: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.


“Kwaphuma umhlwanyeli wayohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe, enye imbewu yawela ngasendleleni; yanyathelwa, zayidla nezinyoni zezulu.


Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: uma uhlamvu lukakolo luwela emhlabathini, lungafi, luhlala lodwa, kodwa uma lufa, luthela izithelo eziningi.


Kepha isithelo sokulunga sihlwanyelwa ngokuthula yilabo abenza ukuthula.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka