Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 4:11 - IsiZulu 2020

11 Wathi kubo: “Nina nambulelwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle, konke kuza kubo ngemizekeliso,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

11 Wathi kubo: “Nina niphiwe imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu, kodwa abangaphandle benzelwa konke ngemifanekiso,

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

11 Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

11 Wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi imfihlakalo yombuso kaNkulunkulu;

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 4:11
20 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Kwathi ngaleso sikhathi uJesu wakhuluma wathi: “Ngiyakubonga Baba, Nkosi yezulu nomhlaba, ngokuba ukufihlile lokhu kwabahlakaniphileyo, nakulabo abanokuqonda, kodwa wakwambulela izingane.


“Kepha abusisiwe amehlo enu, ngokuba ayabona; nezindlebe zenu, lokhu ziyezwa.


UJesu waphendula, wathi kuye: “Ubusisiwe wena Simoni kaJona, ngokuba inyama negazi akukwambulelanga lokhu, kodwa uBaba osezulwini.


Wayesezibiza, wakhuluma kuzo ngemizekeliso, wathi: “Kungenzeka yini ukuba uSathane akhiphe uSathane na?


Kwathi eseyedwa, ababenaye nabali-12 bambuza ngale mizekeliso.


Wabafundisa okuningi ngemizekeliso, ethi kubo ngenkathi ebafundisa:


Wathi: “Nina ninikezwe ukuba nazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kodwa abanye batshelwa ngemizekeliso, ukuze kuthi bebona, kodwa bangabonisisi, bathi bezwa, kepha bangaqondi.


Ngubani okwenze waba ngcono kunabanye wena na? Yini onayo ongayiphiwanga na? Uma-ke uyiphiwe, pho kungani uzigabisa kube sengathi awuyamukeliswanga na?


Ngokuba nguNkulunkulu owathi: “Akuvele ukukhanya ebumnyameni kukhanye,” nguYena owakhanyisa ezinhliziyweni zethu ukuze zikhanyelwe wulwazi lwenkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaKhristu.


esazisa imfihlakalo yentando yakhe ayimisile kuye ngokuthanda kwakhe,


Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi.


ukuze nihambe ngokufaneleyo phambi kwabangakholwa, futhi ningantuli lutho.


Kufanele abe negama elihle kubantu abangesibo abebandla, funa ahlazeke futhi awele esihibeni sikaSathane.


Kepha siyazi ukuthi iNdodana kaNkulunkulu isifikile, yasinika ukuqonda namandla ukuze simazi oyiqiniso. Sikuye oweqiniso, iNdodana yakhe, uJesu Khristu. Lo nguNkulunkulu weqiniso nokuphila okuphakade.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka