Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 2:8 - IsiZulu 2020

8 UJesu wakwazi ngaleso sikhathi emoyeni wakhe ezazidlinza ngakho, wayesethi kuzo: “Nidlinzelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 UJesu ekwazi masinyane emoyeni wakhe ukuthi bazindla kanjalo phakathi kwabo, wathi kubo: “Nizindlelani ngalokhu ezinhliziyweni zenu na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 2:8
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Nkulunkulu wami, ngiyazi ukuthi uhlola inhliziyo, uthanda ubuqotho. Mina-ke ngobuqotho benhliziyo yami nginikele ngokuthokoza zonke lezi zinto, manje sengibonile abantu bakho abakhona lapha benikela kuwe ngokukhululeka nangokuthokoza.


Uyakwazi ukuhlala kwami nokuma kwami, uqonda umcabango wami ukude.


Amacebo omubi ayisinengiso kuSimakade, kepha amazwi amnene ayamenamisa.


Ukuceba ubuwula kuyisono, nobhinqayo uyisinengiso kubantu.


Omubi makayishiye indlela yakhe, nomuntu owenza ibe mibi imicabango yakhe, abuyele kuSimakade, uyokuba nomusa kuye, abuyele kuNkulunkulu wethu, ngokuba uyophiwa intethelelo enkulu.


“ ‘Isho kanje iNkosi uSimakade, ithi: “Kuyakuthi ngalolo lusuku kufike imizindlo enhliziyweni yakho, bese uceba amacebo amabi.


Kepha uJesu ekwazi lokho wasuka lapho. Abaningi bamlandela, wabaphilisa bonke.


Baqagulisana bodwa, bathi: “Kungokuba singaziphathanga izinkwa.”


UJesu eyazi imidlinzo yabo, wathi: “Yini nidlinze okubi ezinhliziyweni zenu na?


“Kungani lo ekhuluma kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu na?”


Yikuphi okulula ukuba kuthiwe kofe uhlangothi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma kuthiwe: ‘Vuka uthathe uhlaka lwakho, uhambe’ na?


Ngokuba ngaphakathi enhliziyweni yomuntu kuvela imicabango emibi: ubufebe, ukweba, ukubulala,


Wayesethi kubo: “Nethuswa yini na? Kungani ningabaza ezinhliziyweni zenu na?


Kepha uJesu eyazi imidlinzo yabo, waphendula, wathi kubo: “Nidlinzelani ezinhliziyweni zenu na?


Kepha uJesu ekwazi abakudlinzayo, wathi endodeni enesandla esishwabeneyo: “Sukuma ume phakathi nendawo.” Yasukuma, yema.


UJesu wathi kuye okwesithathu: “Simoni kaJona, uyangithanda na?” UPhethro wadabuka, ngokuba wathi kuye ngokwesithathu: “Uyangithanda na?” Wathi kuJesu: “Nkosi, Wena wazi konke, uyazi ukuthi ngiyakuthanda.” UJesu wathi kuye: “Yondla izimvu zami.


Kepha bakhona abanye kini abangakholwayo.” UJesu wayazi kwasekuqaleni ukuthi ngobani abangakholwayo, nokuthi ngubani ozakumkhaphela.


UPhethro wayesethi: “Ananiya, kungani ukuba uSathane agcwalise inhliziyo yakho, uqambe amanga kuMoya oNgcwele, ugodle ingxenye yemali yezwe na?


Ngakho-ke phenduka kulobu bubi, ukhuleke eNkosini, hleze ikuthethelele umdlinzo wenhliziyo yakho,


Akukho lutho futhi oludaliweyo olungabonakali phambi kwakhe, kodwa konke kwambuliwe kwaba sobala emehlweni akhe, yena esiyakuzilanda kuye.


Ngiyakubulala abantwana bakhe ngokufa; onke amabandla ayakukwazi ukuthi nginguye ophenya izingqondo, nezinhliziyo, futhi ngiyakumnika, yilowo nalowo wenu, ngokwemisebenzi yakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka