Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 2:16 - IsiZulu 2020

16 Izazimthetho ezingabaFarisi, zibona ukuthi uJesu udla nezoni nabathelisi, zathi kubafundi bakhe: “Kungani ukuba adle nabathelisi nezoni na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

16 Khona ababhali babaFarisi bembona edla nezoni nabathelisi bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba adle nabathelisi nezoni na?”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

16 Kwathi ababhali labaFarisi bembona esidla labathelisi lezoni, bathi kubafundi bakhe: Kungani esidla lokusela labathelisi lezoni?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

16 Kwathi ababhali labaFarisi bembona esidla labathelisi lezoni, bathi kubafundi bakhe: Kungani esidla lokusela labathelisi lezoni?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 2:16
14 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

abathi: ‘Mana khona lapho, ungasondeli kimi, ngokuba ngehlukanisiwe kuwe;’ laba bantu banjengentuthu emakhaleni ami, umlilo ovutha usuku lonke.


Uma enqaba ukubezwa, tshela ibandla; uma engafuni ukulalela ngisho nalo ibandla, makabe njengowezizwe nomthelisi kuwe.


Ngokuba uma nithanda abanithandayo, ninamvuzo muni na? Abenzi yini kanjalo nabathelisi na?


AbaFarisi, bekubona lokho, bathi kubafundi bakhe: “Kwenziwa yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”


Kuthe uJesu ehlezi edla endlini kaLevi, kwangena abathelisi abaningi nezoni, bahlala etafuleni noJesu nabafundi bakhe, ngokuba babebaningi bemlandela.


“Kungani lo ekhuluma kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu na?”


UmFarisi wema, wakhuleka wathi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabo abanye abantu: izigebengu, izikhohlakali, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Ngokuba iNdodana yomuntu ize ukuzofuna nokusindisa okulahlekileyo.”


Kuthe lapho bekubona lokho, bakhononda bonke, bathi: “UJesu ungenise endlini yendoda eyisoni.”


AbaFarisi nezazimthetho bakhononda kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”


Kwaqubuka omkhulu umsindo, kwase kusukuma abathile beqembu labaFarisi abayizazimthetho, balwa kakhulu, bethi: “Asifumani lutho olubi kulo muntu. Siyothini uma kukhulume ingelosi noma umoya kuye na?”


Kepha umuntu onoMoya kaNkulunkulu uphenyisisa konke, kanti Yena akukho muntu ongamphenyisisa.


Yebo, mqondeni yena owakhuthazela ephikwa kangaka yizoni, ukuze ningakhathali nidangale emiphefumulweni yenu.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka