Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




NgokukaMarku 16:6 - IsiZulu 2020

6 Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni. Uvukile; kakho lapha; bonani nansi indawo lapho bebembeke khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Wathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; kakho lapha; bhekani indawo lapho ababembeke khona.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




NgokukaMarku 16:6
23 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Wena owasikhombisa izinhlupheko ezimbi eziningi, uyobuye usiphilise, usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.


Ngiyabathanda abangithandayo; nalabo abangifunisisayo, bayangifumana.


Njengalokhu uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba semathunjini omhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu.


wathi: “Ufunani kithi Wena Jesu waseNazaretha na? Uze ukuba uzosibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuthi ungubani – ungoNgcwele kaNkulunkulu.”


Bonke bethuka, babuzana bodwa, bathi: “Kuyini lokhu na? Yisifundiso esisha, esinegunya; uyala ngisho nomoya abangcolileyo, bamlalele.”


bayiklolodele, bayikhafulele ngamathe, bayishaye, bayibulale, kepha emva kwezinsuku ezintathu izakuvuka.”


Wayesethatha uPhethro, uJakobe, noJohane; waqala ukubhocobala nokuba nosizi.


Isixuku sathi singambona uJesu samangala, sagijima saqonda kuye, sambingelela.


Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uKhristu uzakuhlupheka, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu.


Lowo uNkulunkulu wamvusa eseyiqede nya iminjunju yokufa, ngokuba kwakungeke kwenzeke ukuba abanjwe ngukufa.


makwazeke kini nonke nasesizweni sonke sakwa-Israyeli ukuthi ngegama likaJesu uKhristu waseNazaretha enambethela esiphambanweni, uNkulunkulu amvusayo kwabafileyo, kungaye lo muntu emi phambi kwenu, esindile.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka