Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 9:8 - IsiZulu 2020

8 Izixuku zikubona lokho zethuka, zamdumisa uNkulunkulu onike abantu igunya elinjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

8 Kepha izixuku zikubona zethuka, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla anjalo.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

8 Kodwa izixuku sezikubona zamangala, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla angaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

8 Kodwa izixuku sezikubona zamangala, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla angaka.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 9:8
22 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Zonke izixuku zamangala kakhulu, zathi: “Lo akusiyo yini indodana kaDavide na?”


Isixuku saze samangala sibona izimungulu zikhuluma, abakhubazekile besinda, izinyonga zihamba, nezimpumputhe zibona. Base bemdumisa uNkulunkulu ka-Israyeli.


UJesu wasondela, wakhuluma kubo, wathi: “Ngiphiwe amandla wonke ezulwini nasemhlabeni.


Kanjalo, makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu, ukuba babone imisebenzi yenu emihle, bamdumise uYihlo osezulwini.


Wavuka, waya endlini yakhe.


Wayesevuka, wathatha uhlaka lwakhe masinyane, waphuma phambi kwabo bonke. Bamangala bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Asikaze sikubone okunje.”


Bamangala ngokwedlulele, bathi: “Wenze konke kahle; izithulu uzenza zizwe, nezimungulu zikhulume.”


Wabeka izandla phezu kwakhe, wayeselulama khona manjalo, wamdumisa uNkulunkulu.


Enye yawo ibona ukuthi iphilisiwe, yabuyela emuva imdumisa uNkulunkulu ngezwi elikhulu.


Abatholakalanga yini abazobuya bamnike udumo uNkulunkulu, ngaphandle kwalo wabezizwe na?”


Yayisibona khona manjalo, yamlandela imdumisa uNkulunkulu, nabantu bonke bekubona lokho bamdumisa uNkulunkulu.


Abelusi baphindela emuva bemdumisa, bembonga uNkulunkulu ngakho konke ababekuzwile nababekubonile, njengokuba kwakukhulunyiwe kubo.


Kwathi induna yekhulu isikubonile okwenzekileyo, yamdumisa uNkulunkulu, yathi: “Ngempela lo muntu ube ngolungileyo.”


Bonke behlelwa wukwesaba, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kufike umphrofethi omkhulu phakathi kwethu,” bathi futhi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”


UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu, ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.


Sebekuzwile lokho, bathula du, badumisa uNkulunkulu, bethi: “Impela uNkulunkulu ubanikile nabezizwe ukuphendukela ekuphileni.”


Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangakanani izinkulungwane zalabo asebekholwa, ezikhona phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho!


Sebebesabisile babadedela, ngokuba abazanga ukuthi bazobajesiza kanjani lokhu kwakunabantu, bonke bedumisa uNkulunkulu ngalokho okwakwenzekile.


Ngokuvivinyeka kwale nkonzo, abantu badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela, nangokuvuma kwenu ivangeli likaKhristu, nangenxa yokuphana kubo, nakubo bonke abanye,


Ziphatheni kahle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi lapho beninyembenya ngokuthi ningabenzi bokubi, kodwa kuthi lapho bebona imisebenzi yenu emihle, bamdumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka