Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 9:6 - IsiZulu 2020

6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inegunya lokuthethelela izono emhlabeni ...,” wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono –” khona wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

6 Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Sukuma, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 9:6
24 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

“Mina, Mina nginguye owesula iziphambeko zakho ngenxa yami; angiyukuzikhumbula izono zakho.


Ngubani onguNkulunkulu njengawe othethelela ukona, ayekelele isiphambeko sensali eyifa lakhe; akahlali ethukuthele ingunaphakade ngokuba uthokozela umusa.


Udumo lwakhe lwasabalala kulo lonke iSiriya. Baletha kuye bonke abagulayo ababephethwe yizifo ngezifo nezinhlungu, ababehlukunyezwa futhi bekhwelwe ngamadimoni, abanesithuthwane, nababefe uhlangothi, wabaphulukisa.


UJesu wayesethi kuso: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kodwa iNdodana yomuntu kayinandawo lapho ingacamelisa khona ikhanda.”


Base beletha kuye umuntu ofe uhlangothi, elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo, wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana, uthethelelwe izono zakho.”


Ngokuba yikuphi okulula phakathi kokuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ nokuthi: ‘Vuka uhambe’ na?


Wavuka, waya endlini yakhe.


Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla okuthethelela izono emhlabeni,” wathi kofe uhlangothi:


“Kungani lo ekhuluma kanje na? Uyahlambalaza. Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu na?”


Izazimthetho nabaFarisi baqala ukuphikisana, bethi: “Ngubani lo muntu ohlambalazayo na? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu kuphela na?”


Ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha nanini, futhi akekho ongazihlwitha esandleni sami.


Njengokuba uyiphe amandla phezu kwabantu bonke, ukuze bonke oyiphe bona, ibaphe ukuphila okuphakade.


Uyinikile igunya lokwehlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.


UJesu wathi kuye: “Sukuma, uthathe uhlaka lwakho, uhambe.”


Lowo, uNkulunkulu wamphakamisa ngakwesokunene sakhe ukuba abe yiNkosi noMsindisi, anike u-Israyeli ukuphenduka nokuthethelelwa kwezono.


UPhethro wathi kuye: “Eneya, uJesu uKhristu uyakuphilisa; vuka, wendlule icansi lakho.” Wayesevuka ngokushesha.


Lowo enimthethelela okuthile, nami ngiyamthethelela, ngokuba lokhu engikuthethelele, uma kukhona noma yini engiyithetheleleyo, ngiyithethelele ngenxa yenu, ebukhoneni bukaKhristu,


Singamanxusa kaKhristu ngokungathi uNkulunkulu unxusa ngathi; siyanincenga esikhundleni sikaKhristu sithi: “Buyisanani noNkulunkulu.”


Maniphathane ngobumnene, nizwelane, nithethelelane, njengoba noNkulunkulu wanithethelela kuKhristu.


nibekezelelane, nithethelelane, uma umuntu enesikhalo ngomunye, njengokuba neNkosi yanithethelela, nani yenzani kanjalo.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka