Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 3:7 - IsiZulu 2020

7 Kepha kwathi lapho ebona abaFarisi nabaSadusi abaningi beza embhabhadisweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onixwayise ukuba nibalekele intukuthelo ezayo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

7 Kepha kwathi ebona abaningi kubaFarisi nabaSadusi beza embhapathizweni, wathi kubo: “Nzalo yezinyoka, ngubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

7 Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

7 Kodwa kwathi ebona abanengi babaFarisi labaSadusi besiza ekubhabhathizeni kwakhe, wathi kubo: Nzalo yezinyoka, ngubani olixwayisile ukubalekela ulaka oluzayo?

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 3:7
49 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

Ngizokwenza ubutha phakathi kwakho nowesifazane, ngizonenza nizondane nenzalo yowesifazane. Inzalo yowesifazane iyochoboza ikhanda leyakho, nenzalo yakho ishaye isithende senzalo yakhe.”


Abalahla umthetho batusa izikhohlakali, kepha abagcina umthetho balwa nazo.


Bachamsele amaqanda ebululu, baluka ubulwembu besicabucabu; odla amaqanda abo uyokufa, okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.


“Balekani eBhabhele, kube yilowo nalowo asindise impilo yakhe, ningabhujiswa ngenxa yokona kwalo, ngokuba yisikhathi sempindiselo kaSimakade, uyakuphindisela kulo.


Ngiyokhuluma kubani, ngixwayise bani, ukuze balalele na? Bheka, izindlebe zabo ezingasokiwe azizwa, izwi likaSimakade seliphenduke ihlazo kubo, abathokozi ngalo.


AbaFarisi bekuzwa lokhu, bathi: “Lo ukhipha amadimoni kuphela ngombusi wamadimoni, uBhelzebhule.”


Nzalo yezinyoka, ningakukhuluma kanjani okuhle nibe nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma okuchichima enhliziyweni.


Kwase kusondela abafundi bakhe, bathi kuye: “Uyazi yini ukuthi abaFarisi bathe bangalizwa lelo lizwi, bakhubeka na?”


AbaFarisi nabaSadusi beza kuJesu bemlinga, bacela ukuba abakhombise isibonakaliso esivela ezulwini.


UJesu wayesethi kubo: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nabaSadusi.”


AbaFarisi basuka lapho, babonisana ukuba bamhile ngezwi.


Ngalolo lusuku kwafika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza,


Kepha abaFarisi, sebezwile ukuthi uJesu ubavale umlomo abaSadusi, babuthana ndawonye.


“Zinyoka, nzalo yamabululu, niyakukubalekela kanjani ukulahlwa esihogweni na?


Ngokuba ngithi kini: uma ukulunga kwenu kungadluli okwezazimthetho nokwabaFarisi, anisoze nangena embusweni wezulu.


Abanye babaFarisi nabalandeli bakaHerode bathunyelwa kuye ukuba bamhile ngezwi.


Kwase kufika kuye abaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo, bambuza bathi:


Wayesebayala ethi: “Qaphelani, nixwaye imvubelo yabaFarisi nekaHerode.”


Kuthe abaFarisi ababethanda imali, bangakuzwa konke lokho, bamedelela.


UmFarisi wema, wakhuleka wathi: ‘Nkulunkulu, ngiyakubonga ngokuba ngingenjengabo abanye abantu: izigebengu, izikhohlakali, iziphingi, nanjengalo mthelisi.


Kepha abaFarisi nezazimthetho abayemukelanga inhloso kaNkulunkulu emaqondana nabo, benqaba ukubhabhadiswa nguye.


Labo ababethunyiwe babevela kubaFarisi.


Nina-ke ningabakayihlo usathane, nithanda ukufeza izifiso zakhe. Yena wayengumbulali kwasekuqaleni, akami eqinisweni, ngokuba iqiniso alikho kuye. Uma ekhuluma amanga, usuke ekhuluma into yakhe, ngokuba ungumqambimanga noyise wamanga.


Abanye babaFarisi ababekhona lapho bakuzwa lokho, base bethi kuye: “Pho nathi siyizimpumputhe yini na?”


Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumele ukuba basokwe, bayalwe ukuba bawugcine umthetho kaMose.


Ngakho qaphelani, nikhumbule ukuthi iminyaka emithathu, ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngamunye ngezinyembezi.


Bengazi kwasekuqaleni, uma bethanda ukufakaza ukuthi ngangihamba ngehlelo eliqinileyo lenkonzo yakithi ngingumFarisi.


Kwase kusuka umphristi omkhulu, nabo bonke ababenaye beqembu labaSadusi, begcwele umona.


Ngokuba intukuthelo kaNkulunkulu yambuliwe, ivela ezulwini, phezu kwakho konke ukungamesabi uNkulunkulu nokungalungi kwabantu abathiya iqiniso ngokungalungi kwabo;


Ngakho-ke kakhulu kangakanani sesilungisisiwe ngegazi lakhe, siyakusindiswa ngaye olakeni.


nilindele iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, enguJesu, osihlengayo olakeni oluzayo.


Ngokukholwa, uNowa exwayisiwe ngezinto ebezingakabonwa, ehlonipha uNkulunkulu, wakha umkhumbi wokusindisa indlu yakhe, ngokwenza kanjalo wawehlulela umhlaba, waba yindlalifa yokulunga okuvela ngokukholwa.


ukuze ngezinto ezimbili ezingenakuguquleka, okungelula ukuba uNkulunkulu angaqamba amanga ngazo: thina esigijimile ukuyobamba ithemba esilimiselweyo, sifumane ukugqugquzeleka okukhulu.


Ngalokho-ke bayabonakala abangabantwana bakaNkulunkulu nabangabantwana bakasathane; lowo ongakwenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka