Biblia Todo Logo
Internet tuqin Biblia
- Anuncios ukanaka -




Mathewu 27:32 - IsiZulu 2020

32 Kuthe amabutho esaphuma lapho, ahlangana nomuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amphoqa ukuba athwale isiphambano sikaJesu.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

IBHAYIBHELI ELINGCWELE

32 Esaphuma afumana umuntu waseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela lowo ukuba athwale isiphambano sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Baasraak Zulu New Testament Bible

32 Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña

Contemporary Zulu Bible 2024

32 Esaphuma, afumana indoda yaseKhurene, nguSimoni igama lakhe; amcindezela ukuba athwale isiphambano sakhe.

Uka jalj uñjjattʼäta Copia luraña




Mathewu 27:32
17 Jak'a apnaqawi uñst'ayäwi  

nibeke amadoda amabili, abantu ababi, phambi kwakhe, afakaze ngaye ngokuthi: ‘Uthukile uNkulunkulu nenkosi,’ bese nimkhiphela phandle, nimkhande ngamatshe, afe.”


Amadoda amabili, abantu ababi, angena, ahlala phambi kwakhe; afakaza ngaye lawo madoda amabi, athi: “UNabothi uthukile uNkulunkulu nenkosi.” Base bemkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe, wafa.


zonke izitho zeduna uyokukukhiphela ngaphandle kwenkambu, endaweni ehlambulukileyo lapho kuchithwa khona umlotha, akushise ezinkunini ezisemlilweni kuze kube ngumlotha.


Uyolikhiphela iduna ngaphandle kwenkambu, alishise njengoba eshise elokuqala; lingumnikelo wesono webandla.


uma kungumphristi ogcotshiweyo owonayo, ngaleyo ndlela ehlisele icala kubantu, uyonikela ngenxa yesono sakhe, ngeduna elingenasici liphuma emhlanjini wakhe libe ngumnikelo wakhe wesono kuSimakade.


UJesu wayesethi kubafundi bakhe: “Uma umuntu ethanda ukuza emuva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe, angilandele.


Nosuke ekucindezela ukuba uhambe imayela libe linye, hamba naye abe mabili.


Baphoqa umuntu owayedlula ngendlela, evela endle, okwakuthiwa uSimoni waseKhurene, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba amthwalele isiphambano.


Kuthe besahamba naye uJesu, babamba uSimoni othile waseKhurene, owayevela emakhaya. Bametshathisa isiphambano walandela emuva kukaJesu.


Ezithwalele isiphambano, bahamba naye, baya endaweni okuthiwa iNdawo Yekhanda, ngesiHebheru okuthiwa iGolgotha.


Kepha abanye kubo, amadoda ayevela eKhuphro naseKhurene, kwathi ukuba bafike e-Antiyokhiya, bakhuluma nakumaGriki, beshumayela ivangeli ngeNkosi uJesu.


Kwakukhona ebandleni lase-Antiyokhiya abaphrofethi nabafundi: uBharnabha, uSimeyoni okuthiwa uNigeri, uLukhiyu waseKhurene, uManayeni umnawabo kaHerode, umThethrarkhi noSawula.


eFrigiya, ePhamfiliya, eGibhithe, eLibhiya ngaseKhurene, izihambi ezivela eRoma,


Kepha kwasuka abanye besinagoge elibizwa ngokuthi elabaLibherithino, nabaseKhurene, abase-Aleksandriya nababevela eKhilikhiya nase-Asiya, baphikisana noStefani.


bamkhiphela ngaphandle komuzi, bamkhanda ngamatshe. Ofakazi babeka izingubo zabo ngasezinyaweni zensizwa ogama layo kuthiwa nguSawula.


Jiwasaru arktasipxañani:

Anuncios ukanaka


Anuncios ukanaka